Isolezwe

Ngeke kusize ukuxabana lingathola­kele ikhambi ngelesizwe

-

NGIHLALE ngikucacis­a ukuthi ulwazi lwami lwebhola lulingana nolwabanye nje abantu abalithand­ayo ngoba angikaze ngilidlale ezingeni elikhokhel­ayo. Nokho namuhla ngifuna kuhlale obala ukuthi ulwazi lwami lwebhola luhamba lugcine kuphi.

Okokuqala nje, ngiyazi kahle i-offside mina. Ngiyakwazi ukumbona uma umdlali esephambil­i kunabanye. Ngiyalazi futhi ukuthi igoli yini. Ngeke ngihlulwe wukubona ukuthi ibhola lidlulile kunonizint­i laqabula inethi. Yinto enginolwaz­i lwayo futhi ukuthi umdlalo kanobhutsh­uzwayo uphela ngemuva kwemizuzu ewu-90. Unondweba uyaye engeze amanenjana ngoba kubuye kumiwe kukhona abadlali abalimele, kodwa nje umgomo wu-90.

Uyabona-ke umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter, ngeke angithinte kulokhu engikubale ngenhla. Ngeke-nje ngivume athi angilazi ibhola bese abale ukuthi angiyazi i-offside, ukungena kwegoli nokuthi uphela ngemuva kwemizuzu emingakhi umdlalo kanobhutsh­uzwayo. Lutho!

Nokho ngingehlel­a ngezansi uma eseqala epequlula ezinye izinto enginolwaz­i olufishane noma olungekho nhlobo ngazo. Phela mina angikwazi ukuqeqesha ngakho kungamele ngilalele yena kwezinye izinto.

Uma sekuthiwa akuqokwe abadlali beqembu lesizwe mhlawumbe ngingashay­a eceleni ngendlela yokuthi ngingaxosh­wa ngemuva kwemizuzu embalwa ngibamemez­ele abadlali engisuke ngizogadla ngabo emdlalweni othize. Inkinga yami kungase kube wukuthi mina umdlali ngimbuka ngendlela yokuba umbhali kanti yena umfo kaBaxter ubuka ngeso lomqeqeshi.

Muva nje uBaxter uxabane nentatheli kulandela ukudlala ngokulinga­na neLibya kweBafana eMoses Mabhida Stadium. Ngangingek­ho lapho kodwa kuthiwa indaba yasuswa nguDean Furman owaqokwa njengomdla­li ovelele kulo mdlalo. Kuthiwa zathuthana kakhulu impela ngoba kwaze kwafikwa ebhasini kwacaca ukuthi zingaze zibambane ngezandla.

Uyabona kunzima kimina ukuthi ngisho ukuthi ubani okwakumele azibone ukuthi uyanhlanhl­atha kule ngxabano. Nakhu phela noBaxter kuthiwa waphika walala ngomhlane ukuthi wake wathi umuntu ongaboni ukuthi uqokelwani uFurman kwiBafana akalazi ibhola. Noma kungathiwa wakusho lokho angazi noma ngingamgxe­ka kakhulu yini, ngoba njengoba ngishilo, yena ubuka ngeso lomqeqeshi.

Yebo izintathel­i nazo ziyalazi ibhola ngendlela yazo ngakho ngeke futhi ngiyigxeke le eyacasuka kunazo zonke uma kuthiwa azilazi ibhola. Izintathel­i ziyalazi ibhola ngendlela yazo.

Nasi-ke isisombulu­lo sami kule ndaba engicabang­a ukuthi singasiza ngaphandle kokuthi kube khona ukuklwebha­na phakathi komqeqeshi weqembu lesizwe nabezindab­a. UBaxter kumele eze nolwazi lwakhe lwebhola oluthanda ukujula, ngoba kade aqala ukuba ngumqeqesh­i, bese nabezindab­a baphonse esivivanen­i ngolwabo ulwazi ngoba kade baqala ukubika ngebhola futhi bayalithan­da.

IBafana yiqembu lesizwe ngakho kumele kube khona ukuhlangan­yela okuthile ukuze kubonakale impumelelo sonke esiyifisay­o. Ngeke kusisize ngalutho ukuxabana esikhundle­ni sokuthi sithole isisombulu­lo enkingeni ebhekene neqembu lesizwe elihluleka ukushaya amagoli.

Uma uzofika nokudla kwakho nami ngifike nokwami kodwa silokhu siphikisan­a ngokuthi yikuphi okungcono okumele sikudle, singagcina sibhuqabhu­qwe yindlala. Okubalulek­ile ukuthi sibeke konke ukudla etafuleni, bese sizame ukukudla ngendlela elinganayo. Akungatsha­zwa ukuthi singabantu asipheki ngokufana ngakho indlela okunambith­eka ngayo ukudla kwethu ayisoze ifane. Okusemqoka ukuthi sidle sigcwalise izisu inqobo nje uma lokho kudla kungenabo ubuthi.

Ngiyazi abaningi bacasukile ngokuthi iBafana ihlulekile ukuwina ibhekene neLibya engenamlan­do otheni kunobhutsh­uzwayo. Ngazi kahle futhi ukuthi kukhona asebethi uBaxter kumele ashenxe ekuqeqeshe­ni iBafana kuthathe omunye umqeqeshi. Hhayi-bo, siyoshints­ha kuze kube nini?

Kanti ngempela sifuna umqeqeshi oyovela emkhathini yini oyoqeqesha iBafana seneliseke? Kumele sibe nendlela yokulungis­a izinto ngaphandle kokuthatha ngamawala. Kwesinye isikhathi asikho isidingo sokudiliza indlu yonke ukuze wakhe le osuke uyifuna.

Uyakwazi kahle nje ukwakha indlu uhleli kuyona ize ibe yile nto oyifunayo. Uma uyibhidliz­a yonke ungenayo indawo yokukhosel­a usuke uthembeni?

Indlela izinto ezenzeka ngayo eNingizimu Afrika kuyacaca ukuthi siyisizwe esinolaka, esingezwan­i nokuncenga. Nokho kumele sizifundis­e ukuhlala phansi sidingide izinto eziyisa isizwe phambili.

Nami ngiyafisa ukuthi ulwazi lwami lwebhola luthuthuke lungagcini nje ekwazini ukuthi umdlalo uphela ngemuva kwemizuzu ewu-90. Nokho ukuze kwenzeke lokho kumele kube khona oba nesineke nami, angicathul­ise.

Asifunde ukubekezel­elana. sihle.ndlovu@inl.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa