Isolezwe

OweBucs nethemba lokudlula kwezinking­a

- ZAKHELE XABA

INJINI ye-Orlando Pirates, uXola “Ten Ten” Mlambo, ibuthatha njengefu elizodlula ubunzima ababhekene nabo njengeqemb­u obekubhekw­e ukuthi lizoqala isizini ye-Absa Premiershi­p ka-2018/2019 ngegiya eliphezulu.

I-Pirates iqede isizini edlule isefomini yagcina isendaweni yesibili kwi-log ngemuva kompetha iMamelodi Sundowns. Lokhu kwenze abalandeli balindela ukuthi iqale ngegiya eliphezulu kodwa kwagcina kungenzeka­nga. EZimnyama zisawine imidlalo emibili kweyisihla­nu kule sizini. Zihlule Chippa United ngo 1-0 ekuhambeni, zacosha amaphuzu agcwele kwiBlack Leoaprds emdlalweni wakamuva. I-Pirates ayikawini nowokubika umdlalo enkundleni yayo i-Orlando Stadium.

Isanda kukhishwa kwiMTN8 kuyona le nkundla yiSuprSpor­t United.

“Amaqembu aseyasazi ukuthi sidlala kanjani. Ibhola selishints­he kakhulu, amaqembu asenabantu abacubungu­layo. Kodwa ngikholwa wukuthi asiqalanga kabi kangakho ngoba kuyona yonke imidlalo esihlulwe kuyona besakha amathuba amaningi kuneqembu ebesisuke sidlala nalo. Inkinga nje wukuthi inhlanhla asinayo. Kodwa sineqembu elinabadla­li abasezinge­ni eliphezulu enginganga­bazi ukuthi uma sekudlule leli fu esibhekene nalo sizoziwina izindebe. Konke kuzoshints­ha,” kusho uMlambo.

“Wukuthi nje uma ungayiwini imidlalo abantu abayiboni into oyenzayo kodwa umsebenzi onzima abantu bazowubona uma sekudlule isimo esibhekene naso. Uma ubheka nangesizin­i edlule asiqalanga ngendlela ebesikade silindele ukuqala ngayo kodwa izinto zahlangana ngokuhamba kwesikhath­i. Kulena sinabadlal­i abasha abasazama ukubamba indlela esidlala ngayo.”

Kusasa ngo-8.15 ebusuku iPirates izokwamuke­la iSuperSpor­t emdlalweni weligi e-Orlando Stadium. Emasontwen­i edlue umqeqeshi wePirates, uMilutin “Micho” Sredojevic uzwakalise ukungenami ngokuphikw­a yizinto uma bedlalela kule nkundla okuyinto ababhekane nayo ngesizini edlule. Akubuzwa ukuthi eZimnyama zizofuna ukuziphind­iselela ngokwenzek­e koweMTN 8 zihlulwa kumaphenat­hi.

“Angikholwa wukuthi iSuperSpor­t izoshintsh­a endleleni ebikade iyiyona koweMTN8 ngoba nathi isiyasazi ukuthi sidlala kanjani. Uma ishintsha kuzosivuna lokho ngoba izokwenza into engayijway­ele. Kuzoba wumdlalo onzima kakhulu kodwa sizowuthat­ha njengayo yonke imidlalo ngoba asifuni ukugudluka ekutheni sibhekana nomdlalo ngamunye ngesikhath­i,” kusho uMlambo.

“Kubaluleki­le ukuthi siqale ukuwina imidlalo manje. Siyakuqond­a okufanele sikwenze nokulindel­ekile. Senza konke okusemandl­eni ukuwina imidlalo. Kuzofanele sisebenze kanzima.”

ISuperSpor­t, engene ngopotsho kwiMTN8, isahlulwe kanye emidlalwen­i emine ishaywa yiCape Town City ngo 2-0. Inamaphuzu ayisishiya­galolunye. IMIDLALO ye-Absa Premiershi­p: Kusasa: Chippa United v Baroka FC (Sisa Dukashe Stadium, 3pm); Cape Town City v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium, 3pm); Mariztburg United v Bidvest Wits (Harry Gwala Stadium, 6pm); Polokwane City v Free State Stars (New Peter Mokaba Stadium, 8.15pm); Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium, 8.15pm) NgeSonto: Black Leopards v Bloemfonte­in Celtic (New Peter Mokaba Stadium, 3pm); Highlands Park v Lamontvill­e Golden Arrows (Princess Magogo Stadium, 3pm); AmaZulu v Mamelodi Sundowns (King Zwelithini Stadium, 3pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UXOLA Mlambo we-Orlando Pirates ukholwa ukuthi buzodlula ubumnyama kwiBucs njengoba bezobhekan­a neSuperSpo­rt United emdlalweni we-Absa Premiershi­p e-Orlando Stadium, kusasa ngo8.15 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UXOLA Mlambo we-Orlando Pirates ukholwa ukuthi buzodlula ubumnyama kwiBucs njengoba bezobhekan­a neSuperSpo­rt United emdlalweni we-Absa Premiershi­p e-Orlando Stadium, kusasa ngo8.15 ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa