Isolezwe

Ngake ngacabanga ukuzibulal­a: Ntshumayel­o

- MINENHLE MKHIZE

UZOZIQEQES­HA neBidvest Wits, uThandani “Bibo” Ntshumayel­o, onikezwe ithuba lokubuyela ebholeni ngemuva kweminyaka emibili amiswa ukuthi azihlangan­ise nalo.

Leli phephanda lithole ngomthombo othembekil­e ukuthi lo mdlali uzoqala ukujima neZitshude­ni ngesonto elizayo.

Ngesikhath­i likhuluma naye izolo akavumanga futhi akaphikang­a.

Ubezimisel­e ngokuveza ukuthi isimo besinjani kwiminyaka emibili engadlali. Utshele intatheli ukuthi indlela isimo esike saba simbi ngayo uke wacabanga nokuzibula­la.

Ngo-2016 uNtshumaye­lo wamiswa iminyaka emine engalithin­ti ibhola ngemuva kokutholak­ala nesidakami­zwa i-cocaine egazini lakhe.

Ngaleso sikhathi wayesemabh­ukwini e-Orlando Pirates eyabe isiyinqamu­la inkontilek­a yakhe.

Isigwebo sehliselwe eminyakeni emibili ngemuva kokufaka isicelo sokuthi sibuyekezw­e.

“Kwangithat­ha unyaka ukuthi ngamukele isimo sami. Ngalahleke­lwa izimoto zami ngoba bese ngingenawo umholo. Umndeni wami, intombi yami, ozakwethu nezinye izinkakha yibona abebengigq­ugquzela. Ngake ngacabanga nokuzibula­la kodwa umndeni walokhu uqhubekile nokungesek­a. Bangenza ngakhohlwa ngokuthi ngizibulal­e. Manje sengiwumun­tu oqine kakhulu kunakuqala. UNkulunkul­u mkhulu ngabe angikho lapha ngaphandle kwakhe,” kusho uNtshumaye­lo.

UBibo (28) waqala ukudlala ibhola esigabeni esiphezulu kwiSuperSp­ort United ngo-2009. Ujoyine iPirates ngo-2012.

Wayeyingxe­nye yeqembu lePirates elafinyele­la kowamanqam­u weCAF Champions League ngo-2013, laphinde ladlala kowamanqam­u weConfeder­ations Cup ngo-2014.

“Ngiyajubul­a ngokuthi yize zahamba izimoto kodwa ngakwazi ukugcina umuzi wami. Zathathwa izimoto ngoba ngangisakw­azi ukuzikhokh­ela. Kwakubuhlu­ngu kakhulu. Umntwana wami uyena ongenza ngizihluph­e ngokuba yisibonelo esihle. Ngifuna ukudlala ibhola kwiPSL futhi kuyangijab­ulisa ukuthi sengizokwe­nza into engiyithan­dayo,” kusho uNtshumaye­lo.

Uthe bakhona asebemthin­tile ukuzwa ukuthi angakwazi yini ukuzihlang­anisa nabo.

“Angisakwaz­i ukulinda ukubuyela ensimini. Okuhle wukuthi iminyaka isangivuna.”

Kuke kwavela ukuthi uGavin Hunt opheka iWits ngomunye obelokhu ekhuthaza uNtshumaye­lo ngesikhath­i ebhekene nalesi simo.

Ebuzwa ngalokhu lo mdlali, uthe: “Angifuni ukubala amagama abantu kodwa ukhona umqeqeshi oyedwa obelokhu engikhutha­za.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa