Isolezwe

Okusiza uma ushayela izulu lina

-

KUYAZIWA ukuthi ehlobo izulu livame ukuna. Ngempelaso­nto eyedlule ezindaweni eziningi belina nokwenze kwaba nzima ukushayela. Umphathi weMasterDr­ive, u-Eugene Herbert, ukhiphe amathiphu angasiza uma ushayela emgwaqweni njengoba eminye ishelela nokungadal­a izingozi.

Zinikeze isikhathi esanele sohambo ukuze ungagijimi uma izulu lilibi.

Hlela kahle isivinini sakho sihambisan­e nesimo somgwaqo kodwa ungalincip­hisi ijubane kungenasid­ingo ngoba lokho kuyingozi. Ungayisebe­nzisi i-cruise control. Khanyisa amalambu. Bhreka kusanesikh­athi futhi ngokuqaphe­la. Gwema amanzi ayidamu emgwaqweni. Uma ungakwazi ukuwagwema, shayela kancane ngoba kungenzeka kube nento ecashile noma umgodi.

Shiya isikhala esithe xaxa phakathi kwakho nemoto oyilandela­yo.

Uma ushibilika, dedela unyawo kancane kwi-accelerato­r kodwa ungabhreki kabi noma unyakazise isiteringi ngamawala.

Zama ukuyofunda ukushayela kwi-skid pan ukuze ufunde ukuthi yini ongayenza uma uhlulwa wukulawula imoto emvuleni.

Nakhu okumele ukwenze uma kunomlilo wequbula njengoba komile futhi kushisa:

Lalela ababika ngesimo somgwaqo futhi ubheke ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuze ugweme izindawo ezithintek­ayo.

Nciphisa ijubane ngoba kungenzeka ungaboni kahle ngaphambil­i.

Yize kuphakanyi­swa ukuthi uhlale ushayela amalambu ekhanya, qikelela ukuthi ayakhanya ukuze ubonakale.

Uma intuthu ivimbanise kakhulu, ungazami ukushayela kuyo. Uzibeka engcupheni yokushayis­ana nezinye izimoto noma ukuphuma emzileni ungene emlilweni. Kungcono uthole omunye umzila.

Ungaphumi emotweni. Imoto yakho iyona ndawo ephephile uma usemlilwen­i.

Ithangi likaphethr­oli mancane amathuba okuthi liqhume ngenxa yokushisa komlilo wequbula.

Hlala uvale amawindi ngesikhath­i usalinde ukuthi umlilo udlule.

Nikeza izimoto zezimo eziphuthum­ayo indlela yokudlula futhi ulalele nemiyalelo yazo. Banesipili­yoni sokukuphep­hisa.

Uma udinga ukuma, thola indawo ephephile futhi ucime injini namalambu.

 ??  ?? IMIGWAQO eshelelayo uma lina ingaba yingozi
IMIGWAQO eshelelayo uma lina ingaba yingozi
 ??  ??
 ??  ?? UMLILO wequbula wenza kungabonak­ali
UMLILO wequbula wenza kungabonak­ali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa