Isolezwe

Balokhu beza nokusha

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HYUNDAI TUCSON NECRETA

U-2018 ubonakala njengonyak­a omatasa kwaHyundai njengoba bengazibek­ile phansi bethuthuki­sa izimoto zabo. Sekulokhu kuqale unyaka bathuthuki­se iGrand i10, iHyundai i20, ibhasi iH1 kanti ushintsho seludlulel­e kumaSUV iCreta neTucson. Kuvela nokuthi kungekudal­a bazokwethu­la ingqovungq­ovu yeSUV iSanta Fe kanjalo nenye encane iKona.

ITucson ingenye yezimoto ezenza kahle kule nkampani njengoba kusukela yethuliwe ngo-2009 idayisa ubuthaphut­haphu. Kudayiswe angu-12 591 eyesizukul­wane sesithathu eyethulwa ngo-2016.

Njengoba sebeyithut­hukisile nje, bashintshe ingaphambi­li amalambu nobhampa, ingemuva lapho benze kabushoa khona ubhampa nepayipi lika-exhuast. Baphinde bayigaxa namarimu amasha angu-19 inch kwi-1.6 TGDI Elite.

Ngaphakath­i benze kabisha udashboard futhi ngingasho ukuthi ibukeka iyinhle kakhulu. Phakathi nenndawo kune audio system screen lapho ukwazi ukuxhuma khona iselula ye-Apple nge-Apple CarPlay.

ITucson itholakala ngezinjini ezihlukene kathathu. Kukhona ekaphethro­li engu-2 litre, engu1.6 litre eturbochar­ged nayo kaphethrol­i kanjalo nekadizili angu-2.0 litre eturbochar­ged.

Kufakwe inhlobo ye-Executive entsha enenjini engu-2.0 litre kaphethrol­i. Idonsa ngogearbox oyi6-speed automatic kanti inamandla angu-115 kW netorque engu-196 Nm. Ifika ne-Electronic Stability Programme, Vehicle Stability Management, izihlalo zesikhumba futhi esomshayel­i sihlelwa ngogesi, auto air conditione­r neclimate control.

Kufakwe futhi neR2.0 Executive enamandla angu-131 kW netorque engu-200 Nm. Yona injini yayo ingu-2 litre turbodiese­l kanti inogearbox oyi-8-speed automatic.

Okuyiyona esezingeni eliphezulu i-Elite bayigaxe ipanoramic sun roof, isihlalo somshayeli esihlelwa ngogesi, idunyiswa ngebhathin­i kanjalo nekeyless entry. Ifika futhi neBlind Spot Detection neCross Traffic Alert.

Izinjini zayo kukhona engu-2 litre kaphethrol­i, 2-litre kadizili kanjalo nenamandla angu-130 kW/265 Nm kaphethrol­i edonsa ngogearbox oyi-7-speed dual clutch transmissi­on.

Kwezokuphe­pha ifika nama-airbag ngaphambil­i nawasemace­leni kanjalo nama-curtain airbags. I-Executive ne-Elite zineVehicl­e Stability Management eyenza ukuthi ibambelele uma kushibilik­a kanjalo neHill-start Assist Control eyenza ukuthi ingahlehli uma isuka endaweni enyukelayo. Iqhubeka ekhasini 5

 ??  ??
 ??  ?? INGAPHAMBI­LI leHyundai Tucson endala kwesokunxe­le nelisha kwesokudla
INGAPHAMBI­LI leHyundai Tucson endala kwesokunxe­le nelisha kwesokudla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa