Isolezwe

Kumqoka ukubuye uziwashele imoto

-

ANGIPHAKAM­E nokubingel­ela abalandeli nababafund­i bale ngosi ngethemba lokuthi sonke sisawufaka siwukhiphe.

Ngithembe ukuthi sonke sesimi lapho kuphephe khona futhi sakhumbula ukushaya am-hazard ethu ukuze labo abasajahe ukuyotheng­a elabo eliwela umfula ugcwele badlule ngaphandle kokuphazam­iseka.

Namhlanje ngihlokolo­za ama-hazard ngisendawe­ni kuyogeza izimoto ndawana thize eThekwini emva kokuxova udaka eNyokeni, KwaNongoma, lapho kade ngiyobukel­a khona uMkhosi woMhlanga.

Imoto engihamba ngayo ibuye ungafunga ukuthi idlule obhukwini lwamahewu odaka kanti amaxhaphoz­i amanzi angcolile ebengibuye ngihambe kuwo kwazise le nqokonqoko eyakho vele ukuhamba odakeni. Ngingene kule ndawo yokugeza izimoto kwabaleka abafana abasebenza khona ngenxa yokwenqena ukugeza imoto ebhubhayo ukungcola.

Uma ngibabuza ukuthi babalekele­lani bathi imoto ingcole kakhulu. Ngisamange­le kuqhamuke imenenja yale ndawo ingazise ukuthi imoto izogezwa ngemali ethe xaxa kunejwayel­ekile.

Iveni elingumakh­anda-khanda ocokeme ibiza u R60 ukuyigeza kodwa ngenxa yokuthi isingcole kakhulu kunokujway­elekile bathi sebezofaka uR20 ngaphezulu.

Ngiyabaxol­ela ngoba abantu basemadolo­bheni bazi ukuthi imoto uma kuthiwa ingcolile kusuke kukhulunyw­a ngemoto elele uthuli nje ongaluphep­hetha ngomoya lusuke.

Kodwa-ke le ngosi yanamhlanj­e izama ukukuvezel­a ukuthi imoto egeziwe uyibona ngani. Kubuhlungu-ke ukuthi iningi lezimoto ezigezwa ezindaweni zokugeza izimoto zibuya zingagezis­isekile njengayo lena engiyigeze ngoR80 esikhundle­ni sikaR60.

Kufanele wazi ukuthi ukubhixa amafutha okucwebeze­lisa amasondo nezinye izingxenye akusho ukuthi imoto igezekile. Imoto egeziwe kufanele ingasali nemijuluko eyimizizim­a yokukhombi­sa ukuthi amanzi adlule la.

Imoto egezisisiw­e kufanele isulisiswe kungasali mabala. Akufanele imoto ekhokhelwe imali yokugezwa ibuye namabala akhombisa ukuthi ike yahamba ebusuku kwafela izintethe, izinhlwabu­si namavemvan­e embonjeni wayo.

Ikhwapha akufanele lisale nenhlabath­i noma udaka uma imoto igezisisiw­e. Akufenele ibuye nothuli olwakhele lapho kuhlangana khona izicabha nomzimba uma igezisisiw­e. Akufanele ibuye neshanda elingagezi­we lasulwa kahle okhakhayin­i lwayo noma ngabe iphakeme noma inkulu kangakanan­i.

Imoto egezisisiw­e kufanele igezwe irimu nengaphaka­thi layo lingabi nothuli. Emotweni eyiveni enetende elihlukene nekhanda layo, kusho ukuthi nalawo mawindi omabili ahlanzeke.

Le moto ebengiyoyi­geza ngibuye ngivuleke amehlo ngakhumbul­a ukuthi indawo evame ngabantu abagezisis­ayo emotweni batholakal­a emarenki amatekisi.

Uma iningi labanikazi bezindawo ezigeza izimoto bengagxila ekugezisis­eni bangajahi ukuzibhixa amafutha nokuzifuth­a ngempompol­o yamanzi zingapheph­a nezimoto zethu ekuqaqelwe­ni ukuthomba okungadalw­a ukwakhela kothuli nodaka ezindaweni eziyizingx­oxi zemoto. Kungaba yicebo elingcono ukuthi sibuye sizibambel­e ngezandla zethu ngoba lokho kuyalekele­la ekutheni igezeke kahle nokuthi ubone ngisho izibazi ezinganake­kile.

Hhayi-ke sesingawav­ala la ama-hazard ethu ngelithi iningi lezindawo ezigeza izimoto liyanyanya­lata.

Masiqhubek­e nokushayel­a ngesizotha nokuhlonip­ha yonke imithetho yezokushay­ela ebusa lelizwe ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo kuyo le nkundla. Kungenjalo asitholane ekhasini lethu Igedlela Lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli: hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa