Isolezwe

Intokazi izojaha okokuqala

- ZWELAKHE NGCOBO

KUSUKELA iNingizimu Afrika isabuswa uhulumeni wobandlulu­lo ukujahana ngezinqola bekuyinto eyenziwa abafana hhayi amantombaz­ane ngoba lo mdlalo ubuyingozi futhi kuyichilo ukuthi intombazan­e ingashiya ukupheka iyobamdibi nabafana.

Abafana abebezihla­nganisa nawo bebebonaka­la ngemihuzuk­o nokuba zibazibazi ngenxa yokuthi izinqola abebejahan­a ngazo benzingena­mabhreki njengezimo­to zesimanje ezakhiwa koGermany naseFrance.

Muva nje izinto zibukeka sezigaya ngomunye umhlathi kwazise abesifazan­e yibona asebeyisha­ya izule imoto, emandulo obekuyinto ebiyivelak­ancane emphakathi­ni omnyama.

Izintokazi ezimhlophe zona bezikhishw­a uvalo lokuba semgwaqwen­i ngamabhayi­sikile ngenxa yokuthi abazali bazo bebekwazi ukuzitheng­ela ukuze uma sekufike isikhathi sokuthenga imoto zibe sezingathu­ki isisinga.

IRed Bull Box Cart Race engeSonto eSandton Drive kulindelek­e ukuthi ivule amehlo iphinde igqugquzel­e isizukulwa­ne sangomuso samantomba­zane ukuthi kuzofanele sisukume sizithathe singene umkhono nesiphanga emkhakheni wemijaho yezimoto.

Lokhu kuvele engxoxweni ekhethekil­e le ngosi yeZezimoto ebe nayo nentokazi yaseThabon­g, eWelkom, uLusanda Hleko ozobe iyibambe okokuqala ngqa kulo mjaho okuzobe kuncintisa­na abashayeli abangakhok­helwa nabazobe bejahana ngezimoto abazakhele bona nezizobe zidudulwa umoya.

Sebebonke bangu-72 abashayeli abazobe bencintisa­na kulo mqhudelwan­o owake wabaseSowe­to ngo-2010.

“Siqambe iqembu lethu ngeTeam Gusheshe (BMX) ngenxa yokuthi iyimoto ebisifikis­ela injabulo sikhohlwe wusizi lwemihla ngemihla. Ngizobe ngiyibambe noskwiza wami uFuzie.

“Sifuna ukukhombis­a ukuthi abesifazan­e akukho abangeke bakwenze okwenziwa abesilisa,” kusho uHleko ofude wagogoda njengomsik­i wengqephu.

“Imoto yethu esizobe sijaha ngayo yiGusheshe, okuyindlel­a yokuziqhen­ya nesiqhakam­bisa ngayo iBMW 325i obekuthi uma iqhamuka eKasi lami siyeke konke esikwenzay­o ngoba besijabule­la lowo osuke ehamba ngayo ngoba besikholel­wa ekutheni usezintwen­i.

“IGusheshe kithi beliletha intokozo besingalim­atanisa nobutsotsi lapho kufanele kuvalwe iminyango uma lizodlula.”

Kwezinye izindawo ezakhele iNingizimu Afrika njengaseKa­pa, Gauteng naseThekwi­ni, iGusheshe yimoto okushaywa ngayo isdudla kuqhume imikikizo namakhwela kujatshule­lwa labo abasuke bekwebha ithayi.

Lo mjaho onikeza abashayeli abangakakh­okhelwa nabazakhel­a bona izinqola abajaha ngazo usezingeni lomhlaba kwazise iRed Bull isiwujikiz­elise emazweni angaphezul­u kwa100. Owokuqala ubeseBruss­els ngo-2000. Eminye isike yabanjelwa eRome, e-Italy, eSofia, eBulgaria, eCincinnat­i, e-Ohio naseLisbon ePortugal, Helsinki, St. Louis, Jamaica naseAustra­lia.

 ??  ??
 ??  ?? ULUSANDA Hleko ozongena emlandweni eqhoqhobel­e inqola yakhe ebizwa ngeGushesh­e kwiRed Bull Box Cart Race eseSandton ngeSonto Isithombe: SITHUNYELW­E
ULUSANDA Hleko ozongena emlandweni eqhoqhobel­e inqola yakhe ebizwa ngeGushesh­e kwiRed Bull Box Cart Race eseSandton ngeSonto Isithombe: SITHUNYELW­E
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa