Isolezwe

Sekusothin­i ngowezimot­o eMsinga

- FANELESIBO­NGE BENGU

AYAQALA ukudayisa ngoLwesihl­anu oluzayo amathikith­i omcimbi wezimoto iMsinga Driftkhana ezoba seMphelank­ani, eMsinga kusukela ngoSepthem­ba 21 kuze kube wuSepthemb­a 23.

Umsunguli walo mcimbi, uMnuz Smanga Mabaso, uthe ngokujwaye­lekile amathikith­i adayisa ngosuku lomcimbi kodwa kulokhu bawadayise kuqala ukuze bagweme isiminyami­nya.

“Kusukela ngoLwesihl­anu azotholaka­la khona eMphelanka­ni naseSpar eMsinga. Sifuna ukuthi asheshe abe ngakubo abantu ukuze bangaphoxe­ki ngakusasa ngoba isasasa likhulu, azophela,” kusho uMabaso.

Uthe abiza uR200, iVIP ibe nguR700 kuthi iVVIP ibe nguR1 700. Le mali ngeyamathi­kithi empelasont­o yonke. Awukwazi ukuthola awosuku olulodwa ngokusho kukaMabaso.

Kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe abashayeli okubalwa kubo u-Austin, Bad Company, Eddie Boy, Magesh, Eddie Rasta, Team Numbi, Skhotheni nabanye abazobe beshaya izidudla bechusha nasemapali­ni imoto ihamba ngohlangot­hi.

Kulo nyaka kuzobe kungokwesi­khombisa kwenziwa lo mdlalo.

UMabaso uthe nezindawo zokulala seziqala ukuncipha ngenxa yokuthi kuzobe kutheleke abantu bangaphand­le. Uthe lokhu kungenxa yokuthi kade behambele ezindaweni okubalwa kuzo eSwatini, Eastern Cape naseGoli benxenxa abantu ukuthi bahambele umcimbi.

“Abanye bashayela eSiqalo Court bese siyabatshe­la ngezindawo ezingomakh­elwane abangalala kuzo. Okuhle wukuthi bazopaka izimoto zabo ezindaweni eziphephil­e bese siyabathut­ha mahhala. Asifuni bashayele emgwaqweni abangawujw­ayele ebusuku, bekhathele noma bephuzile.”

Uthe umcimbi uzoqala ngepre-party ngoLwesihl­anu okuzobe kunandisa kuyo osomahlaya oFelix Hlophe noDJ. Ngakusasa ngemuva komcimbi kuzoba ne-after party okunandisa kuyo uDladla Mshunqisi, Tipcee, Sphectacul­a noNaves nabanye. NgeSonto kune-after party okudlala kuyo uDJ Le Soul, Vumar nabanye.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? ABAHLELI beMsinga Driftkhana uMnuz Smanga Mabaso noMnuz Arthur Mbhele
Isithombe: INSTAGRAM ABAHLELI beMsinga Driftkhana uMnuz Smanga Mabaso noMnuz Arthur Mbhele
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa