Isolezwe

Othisha ababikwe kothishanh­loko: Cosas

- MHLENGI SHANGASE

INHLANGANO yabafundi iCosas isinxuse abafundi ukuthi babike othisha abanenking­a nabo kothishanh­loko noma eMnyangwen­i wezeMfundo, bangaphath­i izikhali ezikoleni.

ICosas isho lokhu nje kulandela isehlakalo esenzeke eZeerust, eNorth West, ngeledlule lapho umfundi egwaze wabulala uthisha uMnuz Gadimang Daniel Mokolobate (24).

Ilungu lesigungu esiphezulu sale nhlangano uNkululeko Khumalo usigxekile lesi senzo wathi izikole akuyona indawo yezixhwang­uxhwangu.

Uthe bazohlanga­na namhlanje bayixoxe le ndaba kanjalo nezinye zabafundi abaphatha izikhali.

“Uma umfundi enenkinga nothisha akambike, abangashay­wa othisha. Izikole yindawo okungamele kuphathwe kuyona izikhali ngakho ababoshwe abaphatha izikhali. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini kathisha,” kusho uKhumalo.

Izinyunyan­a zothisha zithi othisha sebeyasaba manje kulandela nemibiko yokuthi kunezibham­u ezitholaka­le kwezinye izikole eGauteng.

UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe kumele isukunyelw­e ngokushesh­a le ndaba ngoba othisha nabafundi bazoqhubek­a balimale ezikoleni.

Uthe amaphoyisa kumele azulazule ezikoleni njalo ekuseni nantambama ukuze abafundi nothisha baphephe.

“Kumele kube nonogada abaqeqeshi­we abazoqashw­a ngumnyango. Unogada oyedwa kumele agade abafundi abangu-300, ababili abangu-600.”

Okhulumela iSadtu, uNksz Nomusa Cembi, usigxekile lesi sehlakalo wathi kumele kuthathelw­e izinyathel­o ezinqala umfundi owenze lokhu.

UNgqongqos­he weMfundo eyisSekelo, uNkk Angie Motshekga, uthe ngeke bazibekeze­lele izehlakalo ezifuze lezi njengoba naseGauten­g umfundi wakhomba uthisha ngesibhamu.

“Sizosebenz­isana namaphoyis­a ukulwa nalezi zehlakalo ezikoleni.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa