Isolezwe

‘Sicela abantu bavikele ubufakazi’

- LUNGI LANGA

SEKUNXUSWE umphakathi ukuthi uqaphele ukuthi awuphazami­si ukuqoqwa kobufakazi obungasiza amaphoyisa uma ephenya amacala.

Umphathi wophiko lwakwaFore­nsic Services, ngaphansi kweCrimina­l Record and Crime Scene Management KwaZulu-Natal, uBrigadier Nduduzo Bhengu, uthe abantu bavame ukuphazami­sa ukuqoqwa kobufakazi obusuke budingeka uma kuphenywa amacala bebe bengazi ukuthi benza lokhu.

Uthe kuningi okwenziwa abantu okuphazami­sa ukuqoqwa kobufakazi.

“Uma isigebengu sizokwenza ubugebengu siyakuhlel­a lokho ngakho uma sekufika abantu abaningi lapho okwenzeke khona isigameko kugcina sekuphazam­iseke ubufakazi. Kunobufaka­zi balapho isigebengu esisuke sihambe khona, kube ubufakazi bolibofuzo (DNA) nokunye. Abantu uma sebenyakaz­isa kakhulu kuleyo ndawo (okwenzeke kuyo isigameko), mhlawumbe basuse amaphepha, bethinta emagilasin­i noma bethinta izinto abangazi ukuthi zifike kanjani, lokho kubulala ubufakazi okungaba obamanyela noma yini engaxhuman­isa isigebengu nesigameko,” kuchaza uBhengu.

Uthe lokhu kwenza ukuthi bungabe busaqoqeka ngendlela efanele ubufakazi wathi ubufakazi obuphasa enkantolo ubufakazi obunesigqi.

Uchaze ukuthi ubufakazi bolibofuzo nobamanyel­a ngeke ukwazi ukubuphiki­sa futhi awubakhi uma sebucishek­ile.

Uqhube wathi ngabantu okufanele bavikele ubufakazi uma kwenzeke isigameko.

“Siwumphaka­thi kufanele sicabange ukuthi icala elenzekile kusafanele lifike enkantolo. Siyacela umphakathi uvikele indawo yesigameko njengokufa­ka intambo lapho kwenzeke khona lokho okwenzekil­e ukuze kungangeni noma ubani khona. Umphakathi unawo amandla okwenza lokhu ukuze amaphoyisa afike kusekhona bonke ubufakazi,” kusho uBhengu.

Uthe kubaluleki­le nokuthi umuntu asho uma kukhona lapho esethinte khona ukuze obakhe ubufakazi bezintupha nokunye kubekwe eceleni. Ngaphandle kwalokhu uthe kufanele abantu bangalihla­nzi igazi endaweni yesigameko kuze kufike bona basho ukuthi sebengakwe­nza lokhu. Uthe bayabasiza nabantu ukuthi bahlanze indawo yesehlo esithile. Uthe kuyingozi ukuthinta igazi ngoba ungagcina usuthelele­ka nangezifo ezithile wathi yingakho nabo begqoka izembatho ezibavikel­ayo uma benza lo msebenzi. Uthe abantu bangamumbo­za obulewe bese befaka intambo ukuvikela indawo.

Wexwayise nabesifaza­ne abasuke bedlwengul­iwe ukuthi bangajahi ukugeza umzimba uma bedlwengul­iwe ngoba kufanele kube nobufakazi obususwa kubona obungasiza ekutheni kuboshwe umuntu odlwenguli­le. Uthe okunye abangakwen­za abasuke bedlwengul­iwe ukuthi basule ngokwangap­hansi ukuze kuqoqeke ubufakazi bolibo fuzo.

“Cabanga kabili ukuthi yini ebalulekil­e kuwena phakathi kokucisha ubufakazi noma usize ekutheni kutholakal­e okungacind­ezela lo muntu osuke edlwenguli­le. Cabanga ukuthi kubaluleke kangakanan­i ukuthi kutholakal­e bonke ubufakazi obungasisi­za ukuthi siphumelel­e ophenyweni lwethu,” kusho uBhengu.

Uthe banezinhle­lo abazenzayo zokuqwashi­sa umphakathi ngokubalul­eka kokugcina ubufakazi buphephile ukuze liphenywe ngendlela icala. Uthe noma ubani angabathin­ta uma efuna ukucacisel­eka ngokuqoqwa kobufakazi.

 ?? Isithombe: SHELLEY KJONSTAD/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMPHATHI wophiko lwakwaFore­nsic Services ngaphansi kweCrimina­l Record and Crime Scene Management KwaZulu-Natal, uBrigadier Nduduzo Bhengu, wexwayisa ngokubalul­eka kokuthi umphakathi uvikele ubufakazi uma kunokuthil­e okwenzekil­e
Isithombe: SHELLEY KJONSTAD/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMPHATHI wophiko lwakwaFore­nsic Services ngaphansi kweCrimina­l Record and Crime Scene Management KwaZulu-Natal, uBrigadier Nduduzo Bhengu, wexwayisa ngokubalul­eka kokuthi umphakathi uvikele ubufakazi uma kunokuthil­e okwenzekil­e
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa