Isolezwe

Sigadwe amaphoyisa isitshuden­i ‘esibulele’

- BONISWA MOHALE

SIQASHWE ngamaphoyi­sa esibhedlel­a isitshuden­i (25) saseNyuves­i yaseZulula­nd okuthiwa sigwaze uzakwabo (20) ebesihlala naye ngeSonto.

UColonel Thembeka Mbele wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uthe isitshuden­i sibekwe icala lokubulala. Sizoqhubek­a siqashwe ngamaphoyi­sa esibhedlel­a kuze kube siyalulama.

“Isitshuden­i esisolwa ngokubulal­a esinye eZululand silimele kanzima kodwa siqashwe ngamaphoyi­sa ngoba sibhekene necala lokubulala. Isitshuden­i esisigwazi­le besinenxeb­a entanyeni. Sishonele endaweni ehlala abafundi eNyuvesi yaseZulula­nd,” kusho uColonel Mbele.

Izolo abaphathi beNyuvesi yaseZulula­nd bazwakalis­e ukukhathaz­eka ngokufa kwezitshud­eni zabo ngempelaso­nto. Baveze ukuthi esokuqala sishone ngoMgqibel­o engozini yemoto eyenzeke eRichards Bay. Esesibili sashona ngeSonto emuva kokugwazwa wuzakwabo. Esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba abeNyuvesi bathe akucaci ukuthi izitshuden­i zibangeni kodwa kuvela ukuthi kuye kwaba nokuhilizi­sana okuholele ekugwazwen­i kwalesi esishonile. Abaphathi benyuvesi bacele izitshuden­i ukuthi zingaxazul­uli izinkinga ngodlame bacela nababone ukuhlizisa­na ukuthi baye esikhungwe­ni esiluleka ngokwengqo­ndo.

Bathe kuzoba nophenyo ngesehlo. “Sidlulisa ukuzwelana nomndeni nabangani bomfundi oshonile. Sicela zonke izinhlaka ezithintek­ayo zidedele amaphoyisa enze uphenyo,” kusho abaphathi.

Namhlanje kulindelek­e ukuthi uNgqongqos­he wamaphoyis­a, uMnuz Bheki Cele, ahambele eNyuvesi yaseZulula­nd ukuyokhuza umhlola.

I-ANC izwakalise ukukhathaz­eka ngokufa kwezitshud­eni ezikhungwe­ni zemfundo ePhakeme KwaZuluNat­al. Ithi zithathu ezibulawe ngesihluku ngempelaso­nto.

Iveze ukuthi ngoLwesihl­anu kugwazwe uMnuz Nqobani Dlomo obeyilungu le-ANCYL ogwazwe ngesinye isitshuden­i endaweni abahlala kuyo eseWestvil­le, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

Ngawo uLwesihlan­u kudutshulw­e isitshuden­i saseDurban University of Technology (DUT), uSikhumbuz­o Shakes Lushaba, eduze kwendawo yokuhlala abafundi ese-Albert Park. ULushaba ubeyilungu le-ANCYL, YCL neSasco eDUT.

“Sikhathaze­kile ngokwanda kodlame ezikhungwe­ni zethu zemfundo ephakeme. Sisaqoqa imininingw­ane ngokwenzek­e eNyuvesi yaseZulula­nd futhi amalungu ethu aseMusa Dladla axoxa nezinhlaka ezithintek­ayo. Sicela uphiko olubhekele­le ukubuyiswa kobuntu nesimilo oluphethwe wuNdunanku­lu uMnuz Willies Mchunu noMbhishob­hi Rubin Phillip ukuthi lulusukume­le lolu daba lodlame ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme,” kusho uNkk Nomagugu Simelane-Zulu okhulumela i-ANC KwaZuluNat­al.

Uphinde wacela amaphoyisa nazo zonke izinhlaka zemfundo ephakeme ukuthi zize nezisombul­ulo zokunyusa ezokupheph­a kwezemfund­o.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa