Isolezwe

Sekuqoqwe inqwaba kadoti kuhlanzwa imifula namabhishi

- INTATHELI YESOLEZWE

UMKHANKASO wokuhlanza amabhishi nemifula yakuleli uholele ekuqoqweni kwenqwaba kadoti ezindaweni ezahlukene.

Lo mkhankaso owenziwa ngokubambi­sana nomphakath­i owesekwe ngabakwaCo­ca-Cola Beverages SA sewuholele ekutheni kuqoqwe amapulasit­iki kadoti angu-1994.

Lokhu kwenziwe ngothisha, abafundi nabasebenz­i bakwaCocaC­ola Beverages SA abangaphez­u kuka-880 .

Umkhankaso owenziwa iNingizimu Afrika yonkana kule nyanga sewuhambe waze wafika eMamelodi, eThekwini naseMuizen­berg nezinye izindawo.

Lokhu bekuyingxe­nye yemikhanka­so egxile ekukhuthaz­eni abantu ukuthi bagcine elakuleli lihlanzeki­le, iPlastics SA for Cleanup neRecycle Week ephakathi kukaSepthe­mba 10 no-15 ne-Internatio­nal Coastal Clean up Day engoSepthe­mba 15.

Ekuqaleni kwalo nyaka abale nkampani yeziphuzo baveze ukuthi banesifiso sokuthi kushaye u-2030 sebeqoqe udoti olingene wonke amabhodlel­a namakani abawadayis­ayo emhlabeni wonke njengengxe­nye yohlelo lwabo olwaziwa ngeWorld Without Waste.

Ngaphandle kwalokhu bafisa ukwenza amabhodlel­a asetshenzi­swe kabusha noma esekade esebenzile.

Nyakenye iPlastics SA yenze imikhankas­o engu-400 kulo lonke elakuleli ngesikhath­i semikhanka­so yeRecycle Week neClean-up isebenzisa­na namavolont­iya angu-1600.

Ukusebenzi­sana kwabakwaCo­ca-Cola nabakwaGlo­bal Citizen kwalo nyaka kuzoholela ekutheni bawine amathikith­i eGlobal Citizen Festival Mandela 100 labo abayingxen­ye yemikhanka­so.

Uma bewina bangazitho­la beyobuka abaculi abangosazi­wayo okubalwa kubo uBeyonce, Jay-Z, Cassper Nyovest nabanye abazobe beyingxeny­e yale khonsathi ngoDisemba 2 nonyaka.

Noma ubani oneminyaka engaphezu kuka-18 obhalisela ukuba yingxenye yemikhanka­so kusuka ngoSepthem­ba 14 angazithol­a esesethube­ni lokuwina lawa mathikithi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa