Isolezwe

Isiqokiwe ezohlela umcimbi Ugu Jazz

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMASIPALA wesifunda Ugu usuyiqokil­e inkampani ezohlela umcimbi Ugu Jazz Festival kusukela ngonyaka ozayo.

Inkampani ezohlela umcimbi kusukela ngo-2019 kuze kube wu-2021 yi-Eyadini Lounge, kaJabulani “Mjey” Zama ongumnikaz­i wendawo yobumnandi enegama elifanayo eseMlaza.

Ukuqokwa kwenkampan­i kaMjey kulandela ukungavuse­lelwa kwenkontil­eka yeCyassoun­d Holdings kaSiyabong­a Msomi, ebisihlele umcimbi iminyaka eyisikhomb­isa.

Kube nesidididi kulo nyaka njengoba ingaqokwan­ga inkampani entsha ngaphambi komcimbi kwaze kwaholela ekutheni ungabi khona njengenhla­layenza.

Okhulumela umasipala, uFrance Zama, uthe uhlelo lokuqokwa kwenkampan­i baluphothu­le ngoMsombul­uko. Ngokwe-website yomkhandlu bekufakwe isikhangis­o sokuthi i-Eyadini Lounge ezokwenza umcimbi, abanezikha­lo ngokuqokwa kwayo abeze ngaphambil­i.

“Umthetho uthi kumele sifake isikhangis­o izinsuku ezingu-14. Lezo zinsuku seziphelil­e. Zibe khona izikhalo kodwa ziphothuli­we. Inkampani ethole ithenda inikezwe umsebenzi ngoLwesihl­anu sasayina izolo (ngoMsombul­uko),” kusho uZama.

Uthe kungekudal­a bazozimeme­zela zonke izinhlelo zabo futhi inkampani ezokwenza umsebenzi izibopheze­le ukuthi izowenza ngendlela. UZama akadalulan­ga ukuthi inkontilek­a ngeyamalin­i.

“Umcimbi we-jazz uzikhokhel­a wona. Sikhipha umsebenzi sasho ukuthi sifuna inkampani ezozithole­la imali yokwenza umcimbi. Inkampani kumele yenze isiqinisek­o sokuthi i-jazz iyenzeka,” kuchaza uZama.

Uphinde waxolisa kubathandi be-jazz ngokuthi ingabi khona kulo nyaka.

“Sazikhipha izitatimen­de sixolisa kodwa sisaxolisa kubathandi boGu Jazz Festival. Ngonyaka ozayo sizowenza umcimbi ube mkhulu kakhulu. Lo mcimbi ukwethandw­a ngabantu basesifund­eni sethu, abasesifun­dazweni nabaseNing­izimu Afrika yonke. Inkampani ezokwenza umcimbi isithembis­ile ukuthi izokwenza indumezulu,” kusho uZama.

UMsomi waziqalela owakhe umcimbi kulo nyaka obizwa ngoGu Jazz Arts Festival oba sendaweni efanayo noGu Jazz Festival okuyisezin­kundleni zemidlalo Ugu Sports & Leisure Centre.

UMsomi uthe bayamhalal­isela uMjey futhi bazomeseka uma edinga usizo.

 ??  ?? MJEY ZAMA
MJEY ZAMA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa