Isolezwe

Upike isimame sezobumnan­di edilini lakhe lalo nyaka uLady D

- NOKUBONGWA PHENYANE

UZODLISA ngezintoka­zi ezingenisi­le emkhakheni wobumnandi kulo nyaka umcimbi wesibili owenziwa umsakazi woKhozi FM, uDudu “Lady D” Khoza. Lo mcimbi owaziwa ngeDinner with Dudu, uzoba nesiqubulo esithi, Let’s go Glitz and Glam, uzoba seCoastlan­ds Hotel, eMhlanga, ngo-Okthoba 11. Ekhuluma neSolezwe uDudu uthe, kulo nyaka ukhethe izintokazi ezisebumna­ndini ukuthi zibe yingxenye yalo mcimbi, zikhulume ngezimo ezahlukene ezisebenza ngaphansi kwazo nezibe yisifundo ezimpilwen­i zazo. “Kulo nyaka sibone ukuthi sibe nabesifaza­ne abasemikha­kheni ehlukene kodwa endimeni yobumnandi. Kungakho sinesihamb­eli esifana noMinenhle “Minnie” Dlamini, ozokhuluma ngezinto ezihlukene kulo mkhakha akuwo, aphinde anikeze ngolwazi oluhlukene. Omunye, ngu-Ayanda Ncwane, naye okuyona le ndima kodwa ogxile emabhizini­sini. NoBaby Cele ongumlingi­si futhi onolwazi oluningi kulo mkhakha, uzokhuluma ngamathuba ahlukene kuwo,” kusho uDudu. Uthe nasemkhakh­eni wezimali kukhona intokazi, ezonika amacebo lapha nalaphaya, uSindi Mabaso Koyana. Uthe ubumnandi buzobe bubuzwa kulo mcimbi njengoba uKholeka, ezodumisa ngezingoma zakhe. “Abesifazan­e abasebanca­ne abenza kahle emculweni, nabo ngeke sibashiye ngaphandle njengoba uTipcee, DJ Happygal noZanda Zakuza bezonandis­a kulo mcimbi,” kuchaza yena. Uthe amathikith­i omcimbi asekhona, kodwa okwenzekay­o wukuthi abesifazan­e bathenga itafula lonke okuyinto abaqale ukuyenza kulo nyaka. Abanye abazobe bekhona kulo mcimbi nguLinda Bukhosini, ongumphath­i wePlayhous­e noThembi Mtshali ongumlingi­si.

 ?? Isithombe: UKHOZIFM ?? UDUDU ‘Lady D’ Khoza useveze ukuthi umcimbi wakhe walo nyaka owaziwa ngokuthi yiDinner with Dudu uzoba ngenyanga ezayo eThekwini
Isithombe: UKHOZIFM UDUDU ‘Lady D’ Khoza useveze ukuthi umcimbi wakhe walo nyaka owaziwa ngokuthi yiDinner with Dudu uzoba ngenyanga ezayo eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa