Isolezwe

Okukhathaz­a amaRasta ngesinqumo ngensangu

- ZANELE MTHETHWA

PHEZU kokuba iNkantolo yoMthethos­isekelo izolo igunyaze ukuthi isingasets­henziswa ngasese insangu, amaRasta akhathazek­ile ngokuthi kukhona abazoyibhe­ma budlabha bayixube nezidakami­zwa.

UMnuz Sandile ‘Shante’ Bekwa, ongomunye wezishosho­vu zenkolo yamaRasta, uthe kade basho ukuthi akukho okubi ngokubhema insangu. Yize ethi amaRasta akaze afihle ngokuyibhe­ma, wesaba ukuthi kukhona abazositha­tha budedengu isinqumo senkantolo.

“Kithina kukhombisa ukunqoba ngoba kade sasifuna ukuthi insangu ibhenywe ngokukhulu­leka. Okubi ukuthi kukhona abazoyibhe­ma ngokweqile kanti thina sinendlela esiyibhema ngayo. Vele insangu isabukwa ngeso elibi ngoba bekuthathw­a ngokuthi iyisidakam­izwa. Lesi sinqumo singenza umonakalo uma abantu bengafundi­sekile ngayo,” kusho uBekwa. Uthe kubona insangu ifana nekhambi lesintu ngoba uyaziwa umsuka wayo e-Afrika futhi yelapha nezifo. Ukhala ngabayixub­a nezidakami­zwa bayibheme kakhulu bese behlulwa wukuziphat­ha.

“Akuphelele ukuphuma kwalesi sinqumo kodwa sekumele sifundise umphakathi ngensangu. Kumele ngabe yonke imizi inesihlahl­a sensangu ngoba yelapha izifo eziningi. Kumele sihlomule ngayo nasemnothw­eni ngoba isihlahla sensangu sikwazi nokukhiqiz­a ukotini. Bekuvele kungekuhle ukuthi usikilidi okuyiwona oyingozi ube semthethwe­ni kodwa ikhambi lesintu kuthiwe aligunyazi­we,” kusho uBekwa.

UMnuz Nkululeko “Liberation’’ Nenzi uthe bekungadin­geki nokuthi kuze kucelwe imvume yokusebenz­isa insangu ngoba yikhambi lesintu. Ukhale ngasebebos­hiwe ngenxa yensangu ekubeni bekuvele kungesona isidakamiz­wa.

ITradition­al Healers Organisati­on for Africa isincomile isinqumo senkantolo. Le nhlangano ithe insangu yikhambi eladalwa uNkulunkul­u ukwelapha umdlavuza nokhwantal­ala.

UDkt Portia Kheswa-Masinga uthe kusadingek­a ucwaningo olunzulu ngokuthi kumele insangu isetshenzi­swe kanjani ekwelaphen­i. Uthe akucaci ngezikalo okumele zisetshenz­iswe emithini yokwelapha ngoba insangu ingaba yingozi iphambanis­e umqondo uma yeqiswa. Uveze ukuthi iyanconywa ngokuqeda ukuphalaza, ivula inhliziyo, isiza enkingeni yokungalal­i yelaphe nezinhlung­u.

“Kwamanye amazwe isiyasetsh­enziswa ukwelapha lezi zifo kodwa kuleli odokotela abanalo kahle ucwaningo oluqondile. Kuhle ukuphasa kwalesi sinqumo kodwa kumele kubekwe imigomo yokulawula ukusetshen­ziswa kwensangu ekwelaphen­i,” kusho yena.

Okhulumela i-IFP, oyilungu lePhalamen­de, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, unxuse abantu ukuthi basihlonip­he isinqumo senkantolo bangenzi okuphamben­e naso. Uthe bafisa ukuthi kusheshisw­e nohlelo lokuthi insangu idayiswe ngoba iphethe umnotho futhi ingavula amathuba omsebenzi kwezamabhi­zinisi.

UHlengwa uthe kusukela ngo-2014 i-IFP yethula iMedical Innovation Bill eyavula ithuba lokuthi ngonyaka odlule lungene enkantolo udaba lokugunyaz­wa kwensangu.

UMnuz Rudy D Maritz, ongumelule­ki kwezomthet­ho futhi oyisikhulu esiphezulu seCygma Group in South Africa, uthe izinkampan­i sekumele zibuyekeze imithetho. Uthe abaqashi sekumele bakhumbule ukuthi abasebenzi sebengayip­hatha udede insangu ebiyaziwa njengesida­kamizwa esingavuny­elwe emsebenzin­i.

Ngesikhath­i kuphuma isinqumo izolo amanye amaRasta ayibheme udede insangu ngaphandle kwenkantol­o. UNgqongqos­he wamaPhoyis­a, uMnuz Bheki Cele, ekhuluma nezitshude­ni eNyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye, uthe lesi sinqumo sizoholela ekutheni izitshuden­i zigcine sezidla izidakamiz­wa.

“Uma ijaji belibuza mina bengingeke ngiyivume le nto yensangu ngoba iholela ekutheni abafundi bagcine sebedla ezinye izidakamiz­wa,’’ kusho uCele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa