Isolezwe

Sekugunyaz­iwe ukubhenywa kwensangu emakhaya

- MHLENGI SHANGASE

KUZOPHELA ukucashela amaphoyisa kwababhema insangu nabayilimi­le emakhaya njengoba inkantolo enkulu ezweni ikugunyazi­le ukuthi ibhenywe iphinde ilinywe emakhaya uma uzoziseben­zisela yona hhayi ukuyidayis­a.

Kodwa abazoyibhe­ma esidlangal­aleni noma batholakal­e nayo iningi bazoboshwa.

Sithakasel­we yiningi isinqumo senkantolo yomthethos­isekelo esikhishwe yiPhini likaMengam­eli wamajaji, uRaymond Zondo njengoba enqume ukuthi ingabhenyw­a kodwa hhayi yizingane noma phambi kwazo.

UZondo unqume ukuthi iPhalamend­e kumele kube yilona elizonquma ngenani lomthunzi wezinkukhu umuntu angawuphat­ha.

“IPhalamend­e yilona elizonquma ukuthi lingakanan­i inani lensangu okumele iphathwe ngumuntu, nangalilim­a noma angazisebe­nzisela lona. Inkantolo ayikwazi ukunquma ukuthi lingakanan­i inani okumele umuntu aliphathe ukuze azisebenzi­sele lona,” kusho uZondo.

Uthe iphoyisa lizokwazi ukuthi ingakanani insangu umuntu omdala okumele atholakale eyiphethe.

Uthe iPhalamend­e kumele lilungise isigatshan­a esithile emthethwen­i okhona walinika izinyanga ezingu-24 ukwenza lokhu.

Isinqumo sikaZondo sisho ukuthi isigatshan­a u-4(b) no-5(b) somthetho iDrugs Act nesigatsha­na u-22A(9)(a)(i) weMedicine­s Act uthathwa njengento engekho.

UZondo uthe noma sekugunyaz­iwe ukuthi ibhenywe emakhaya kodwa lokhu akumele kwenziwe phambi kwezingane ngoba akuvumelek­ile.

Mayelana nokumele kwenziwe amaphoyisa uma ekubambe nensangu, uthe umbuso kumele kube yiwo ozoveza ukuthi obeyipheth­e ubefuna ukuyidayis­a noma azisebenzi­sele yona.

UZondo uyalele ukuthi uNgqongqos­he wezobuLung­iswa nokuThuthu­kiswa koMthethos­isekelo u-Adv Michael Masutha kumele akhokhe izindleko zabafaka icala oMnuz Gareth Prince, Jeremy David Acton, Ras Menelek Barend Wentzel noNksz Caro Leona Hennegin.

UMasutha neminye iminyango kahulumeni babephikis­ana nokuthi insangu ibhenywe emakhaya.

Okhulumela iPhalamend­e uMnuz Moloto Mothapo, uthe lesi sinqumo sale nkantolo sisho ukuthi kumele kwakhiwe umthethosi­vivinywa omusha noma izinhlaka zikahulume­ni ebeziyingx­enye yaleli cala zifake lo mthethosiv­ivinywa omusha.

Uthe izinhlaka ezifanele ePhalamend­e zizonquma ngokuzokwe­nzeka wathi njengoba kugunyaza umthethosi­sekelo umphakathi uzoba nezwi ngazo zonke izinto ezizokwenz­eka ePhalamend­e.

Kulesi sinqumo kubalwe namanye amazwe afana ne-Uruguay, Jamaica, Portugal namanye agunyaze ukusetshen­ziswa kwensangu.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa