Isolezwe

Kushone oyedwa itekisi ishayisa abebewela

- PHILI MJOLI

KUSHONE owesifazan­e oneminyaka engu-60 obehamba ngezinyawo omunye walimala kanzima ngesikhath­i beshayiswa yitekisi eDurban Station izolo ekuseni.

Kuthiwa umshayeli wetekisi yaseNanda ebidlula akamanga erobhothin­i, washayisa laba besifazane abewela kuleli robhothi.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenh­loso nelokushay­ela budedengu eliphenywa ngamaphoyi­sa aseDurban Central.

Owesifazan­e oshonile ohlonzwe njengoNkk Sibongile Dladla (60) waseNanda, olimele ulinganise­lwa eminyakeni engu-40 igama lakhe kalaziwa futhi akwaziwa ukuthi ngowakuphi.

UNkk Sibusisiwe Thabethe kasoseshin­i waseNanda, uthe bazwile ngalesi sehlakalo.

“Okwamanje asikabi nayo imininingw­ane ephelele ngale ngozi, kodwa siyacela amaphoyisa kamasipala ake ayibhekisi­si indaba yaleli robhothi ngoba kunokungab­ekezelelan­i.

“Amabhasi, amatekisi abanga abagibeli, ngakolunye uhlangothi abahamba ngezinyawo nabo bayeqa khona lapho. Ukuvula nokuvala kwerobhoth­i kule ndawo akunakwa,” kusho yena.

“Kusiphatha kabi ukuthi kube nengozi edlula nomphefumu­lo ekubeni sisabheke esikhathin­i esimatasa samaholidi. Besisathi silungisel­ela ukuba nomkhuleko wazo izingozi ngenyanga ezayo ukuze sikwazi ukusebenza kahle ngalesi sikhathi. Siyadumala uma sewendulel­wa yingozi.” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa