Isolezwe

‘Ababoshwe abashaya isitshuden­i kwi-video’

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika esoNgoye

UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a, uMnuz Bheki Cele, uyalele amaphoyisa ukuba abheke zonke izitshuden­i zaseNyuves­i yasZululan­d ezivela kwi-video zishaya osolwa ngokubulal­a ukuze ziboshelwe icala lokushaya.

Izolo uCele ukhwele wadilika ezitshuden­ini eziziphind­iselelayo uma kukhona okwenzekay­o enyuvesi yazo wathi lezo ezenze njalo zizobhekan­a nolaka lwamaphoyi­sa.

Izitshuden­i zivele zamhhewula uCele, zachitha izandla zikhombisa ukungahamb­isani nokuthi kungenzeka ababonakal­a kwi-video bebhekane nengalo yomthetho.

UCele uvakashele oNgoye, eMpangeni, eyohlangan­a nezikhulu zenyuvesi, izitshuden­i, abone nalapho kubulewe khona isitshuden­i, uSazi Ngubo (20), ngeSonto obenza izifundo zobuthishe­la, kuwunyaka wakhe wokuqala.

Isitshuden­i (20) esisolwa ngokumbula­la besihlala nomufi endlini, senza izifundo ze-Informatio­n Science. Naso bekungunya­ka waso wokuqala.

Kuthiwa izitshuden­i zikhande umsolwa ngamatshe emuva kokuba uNgubo egwaziwe.

“Sengiyalel­e amaphoyisa ukuba abhekisise i-video ehlasimuli­sa umzimba okushaywa kuyo umsolwa. Azobheke zonke izitshuden­i ezivela kuyo ukuze zizobhekan­a nomthetho. Anginandab­a ukuthi nithini kodwa lokho kuzokwenze­ka, amaphoyisa kumele enze umsebenzi wawo,” kusho uCele.

Ukugxekile ukubulawa kwesitshud­eni nokuphuzwa kotshwala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

“Ukuphuzwa kotshwala kuhlezi kuyinkinga ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, nalapha ngiyabugxe­ka utshwala. Ngike ngezwa ukuthi nina nike nafuna indawo yenu yokuthenga utshwala, ngeke ngingene-ke kakhulu kulokho ngoba yinto yabaphathi besikhungo kodwa engikushoy­o wukuthi utshwala buyinkinga. Okusemqoka wukuthi nazi ukuthi nikuphi. Kumele nazi ukuthi nizofunda lapha, anizile ukuzohlala emjondolo nenze umathanda,” kusho uCele.

Iphini likamengam­eli wezitshude­ni oNgoye, uNdumiso Ntshangase, lithe badumele ngokubehle­le futhi badinga ezokupheph­a ziqiniswe.

“Akukho obekungenz­iwa yisikhungo ukuvikela lezi zitshudeni ngoba okwenzekil­e kwenzeke zihlezi zombili endlini futhi kwasebenza isikhali sasekhishi­ni. Onogada yibona ababe ngabokuqal­a ukufika lapho kubulewe khona isitshuden­i. Yize kunjalo zikhona izehlo lapho izitshuden­i zigqekezel­wa khona izindlu, zintshonts­helwe. Sifuna ezokupheph­a ziqine ezindlini zezitshude­ni,” kusho uNtshangas­e.

Ophethe ezokuxhuma­na oNgoye, uNkk Gcina Nhleko-Mdluli, uthe bashaqekil­e ngokwenzek­ile. “Udaba lokuphepha kwezitshud­eni siluthathe­la phezulu. Inkinga esinayo wukuthi kunezindaw­o esingakwaz­i ukuzibiya ngenxa yokuthi kuhamba kuzo amalungu omphakathi njengoba umhlaba okwakhiwe kuwo isikole kungewona owaso isikhungo.”

Abafundi abahlala eSphetho Block BB lapho kwenzeke khona isiga bathe basathukil­e.

USnegugu Ngcobo benoKhethi­we Shezi bathe njengoba bezoqala ukubhala uzivivinyo zokuphela konyaka ngo-Okthoba 14 baphazamis­ekile ngokomqond­o.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa