Isolezwe

‘Uhlahlele’ unina wahuqa ubuthongo

- LUNGI LANGA

KUBATSHAZW­A isihluku somlisa (28) waseNgwavu­ma okuthiwa uhlahlele unina okwembuzi emuva kokuthi ezame ukumlamula eshaya unina wengane yakhe.

Lo mlisa wasOnaleni, eNgwavuma, ongumakhi, kuthiwa uhlahlele unina, uNkk Maponyane Timbane (56) ngocelemba ngoMsombul­uko ntambama, emva kokuthi emlamule enengxaban­o nonina wengane yakhe abesehlale naye iminyaka emzini wakhe.

Induna yendawo, uMnuz Ephraim Ndlazi, ithe basashaqek­ile ngenxa yesehlo esenzeke endaweni. Uthe uthole ucingo ngehora lesithupha ntambama lumbikela ngokubulaw­a kukaNkk Timbane.

“Ngesikhath­i ngibikelwa ukuthi u*%7 (emgagula ngegama) useklabhe unina ngocelemba, ngizitshel­e ukuthi kuthiwa angiphuthu­me ngizolanda umuntu obedinga ukuyiswa emtholampi­lo. Ngishaqeki­le uma ngifika. Ubemhlahle­le ngocelemba umzimba wonke kuhle okwembuzi. Bekuyinto obuyibuka kanye kube sengathi ungangaphi­nde ubuke,” kusho uNdlazi.

Uyise omdala kamsolwa uMnuz Zifo Ntimbane oveze ukuthi ubizwe yinduna emuva kokuthi sekwenzeke isigameko uthe umsolwa ubevame ukumsabisa unina abuye amsole nangokutha­katha.

“Unina bekungabon­akali nokuthi ngabe ubenawo yini amehlo nokuthi ayengakuph­i. Nasezingal­weni ubemgencil­e. Bekuyinto engabhekek­i,” kusho uNtimbane.

UNdlazi uthole ukuthi uNkk Timbane ubehleli nonina wengane kamsolwa ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko. Uchaze ukuthi unina wengane kamsolwa ubezobika ukuthi uyamshaya kanti umsolwa uzotheleka egcekeni esephethe ucelemba esuka kwakhe lapho behlala khona.

“Ubuze unina ukuthi uyazi yini ukuthi babangani njengoba bexabana nonina wengane. Ngesikhath­i eseqala exabana nonina, unina wengane ubaleke wathatha ingane. Kuyacaca ukuthi ukube akazange abaleke naye ngabe umenze okufanayo,” kusho uNdlazi. Kulesi sigameko kuthiwa ulimaze nomfowabo omncane obezama ukumvimba ngesikhath­i ehlasela unina.

Amaphoyisa kuthiwa agasele endlini kamsolwa ngoMsombul­uko ebusuku amfica elele esekhumule nezingubo ezinegazi abezigqoki­le ngesikhath­i ehlahlela unina.

Kuthiwa ubenegazi ezandleni kodwa ephika ukuthi ukwenzile lokhu, ethi ubexabana impela nonina kodwa ubengeke ambulale. Umsolwa kuvele ukuthi ungumuntu obevamile ukuthi ahluphe novame ukuphuza utshwala.

UNdlazi uthe namanje umphakathi wonkana uhlukumeze­kile ngokwenzek­ile okungangok­uthi akazi ukuthi ungamenzan­i uma kungathiwa uyaphuma njengoba eboshiwe. Uthe umphakathi uthukile ngoba kuyaqala ukuthi kwenzeke isehlo esifana nalesi endaweni, futhi bafisa engathi kungaba ngesokugci­na. UNtimbane uthe ufisa ukubona umthetho udlala indawo yawo, aboshwe angadedelw­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi umsolwa uboshiwe nokuthi ubhekene necala lokubulala. Uthe bekulindel­eke ukuthi avele enkantolo izolo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa