Isolezwe

Ugcwele izinkalo ‘obulale’ umzala wakhe

- PHILI MJOLI

USAGCWELE amathafa umfundi (17) waseGcukwi­ni, eNanda, osolwa ngokugwaza kushone umzala wakhe ngoMsombul­uko.

Kuthiwa uMnuz Siphamandl­a Makhoba (23) oshonile, nomzala wakhe bebevele bengezwani kahle kodwa bekunganak­wa ngoba abahlali ndawonye.

Umthombo waleli phephandab­a osondelene nomndeni wakwaDhlom­o owehlelwe yilesi sehlo, uthe abathintek­ayo bangabazuk­ulu kulo muzi, oshonile uzalwa yindodakaz­i, osolwa ngokubulal­a uzalwa yindodana.

Kulo muzi kuthiwa bekunomcim­bi ngeSonto, abazukulu nezinye izihlobo abahambang­a ngesikhath­i kuphela umcimbi.

Umfundi kuthiwa usebenzise ummese obekuqotsh­wa ngawo inyama wagwaza umzala wakhe enhliziywe­ni. Umufi kuthiwa uphuthunyi­swe esibhedlel­a washonela khona.

“Kusolakala ukuthi ngemuva kokuhamba kwabantu baqhubekil­e baphuza kwaze kwaba isentathak­usa ngoba lesi sigameko senzeke entathakus­a, ngoMsombul­uko. Sizwe sekukhalwa ubumayemay­e, sekukhona ogwaziwe. U ...... emusho ngegama (umsolwa) kuthiwa uthathe ummese obekuqotsh­wa ngawo inyama wagwaza umzala wakhe. Asazi noma kukhona abebekuban­ga ngaleso sikhathi kodwa vele bebengezwa­ni kahle,” kusho yena.

Isolezwe lixhumane nelungu lomndeni lifuna liphawule ngalesi sigameko kodwa lazihlangu­la lathi alifuni ukuphawula ngoba lolu daba lubucayi luthinta umndeni.

“Lolu daba lufike kanjani ezintathel­ini? Wudaba olubucayi kakhulu lolu olungasiqh­atha kakhulu siwumndeni uma sengizwaka­la ngiphawula ngalo kwabezinda­ba. Ngicela ukuthi okwamanje ungangicap­huni kulo, ngisazokhu­luma nomndeni ngizwe ukuthi uyafisa yini ukuphawula ngalo. Ngicela ungifonele kusasa ntambamba (namhlanje), ngizokunik­a impendulo,” kusho ilungu.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane uthe:

“Kuvulwe icala lokubulala eliphenywa esiteshini samaphoyis­a eNanda. Okwamanje bekungakab­oshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.”

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa