Ugcwele izinkalo ‘obulale’ umzala wakhe
USAGCWELE amathafa umfundi (17) waseGcukwini, eNanda, osolwa ngokugwaza kushone umzala wakhe ngoMsombuluko.
Kuthiwa uMnuz Siphamandla Makhoba (23) oshonile, nomzala wakhe bebevele bengezwani kahle kodwa bekunganakwa ngoba abahlali ndawonye.
Umthombo waleli phephandaba osondelene nomndeni wakwaDhlomo owehlelwe yilesi sehlo, uthe abathintekayo bangabazukulu kulo muzi, oshonile uzalwa yindodakazi, osolwa ngokubulala uzalwa yindodana.
Kulo muzi kuthiwa bekunomcimbi ngeSonto, abazukulu nezinye izihlobo abahambanga ngesikhathi kuphela umcimbi.
Umfundi kuthiwa usebenzise ummese obekuqotshwa ngawo inyama wagwaza umzala wakhe enhliziyweni. Umufi kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela washonela khona.
“Kusolakala ukuthi ngemuva kokuhamba kwabantu baqhubekile baphuza kwaze kwaba isentathakusa ngoba lesi sigameko senzeke entathakusa, ngoMsombuluko. Sizwe sekukhalwa ubumayemaye, sekukhona ogwaziwe. U ...... emusho ngegama (umsolwa) kuthiwa uthathe ummese obekuqotshwa ngawo inyama wagwaza umzala wakhe. Asazi noma kukhona abebekubanga ngaleso sikhathi kodwa vele bebengezwani kahle,” kusho yena.
Isolezwe lixhumane nelungu lomndeni lifuna liphawule ngalesi sigameko kodwa lazihlangula lathi alifuni ukuphawula ngoba lolu daba lubucayi luthinta umndeni.
“Lolu daba lufike kanjani ezintathelini? Wudaba olubucayi kakhulu lolu olungasiqhatha kakhulu siwumndeni uma sengizwakala ngiphawula ngalo kwabezindaba. Ngicela ukuthi okwamanje ungangicaphuni kulo, ngisazokhuluma nomndeni ngizwe ukuthi uyafisa yini ukuphawula ngalo. Ngicela ungifonele kusasa ntambamba (namhlanje), ngizokunika impendulo,” kusho ilungu.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane uthe:
“Kuvulwe icala lokubulala eliphenywa esiteshini samaphoyisa eNanda. Okwamanje bekungakaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.”