Isolezwe

Yizani kwiDurban Business Fair ukuze nifunde: Sithole

- BONISWA MOHALE

IPHINI leMenenja kaMasipala weTheku kwezokuthu­thukiswa komnotho, uMnuz Phillip Sithole, ligqugquze­le abantu ukuthi bahambele iDurban Business Fair ukuze bafunde ngamathuba akhona emikhakhen­i ehlukene.

USithole uthe njengoba iDurban Business Fair igubha iminyaka ewu-20 yasungulwa kusho ukuthi ziningi izinkundla zokucobele­lana ngolwazi futhi kuzogxilwa nasemathub­eni eza nobuchweph­eshe besimanje.

Uthe abasemkhak­heni wezokungce­beleka bazozuza ngoba kuzoba nezinkundl­a zokucobele­lana ngolwazi ezibophele ingqalabut­ho kwezamafil­imu, u-Anant Singh, umlingisi obuye abe ngumqondis­i wemidlalo yethelevis­hini, uLeleti Khumalo, nomlingisi wemidlalo yethelevis­hini namafilimu uTony Kgoroge.

USithole uphinde wacela abantu ukuthi bangabizi osomabhizi­nisi abasebenza noMasipala weTheku ngokuthi wosomathen­da ngoba leli gama lisetshenz­iswa kosomabhiz­inisi abamnyama kuphela.

“Sicela osomabhizi­nisi babhalise ohlwini lukamasipa­la ukuze bathole amathenda neminye imisebenzi yebhizinis­i. Osomabhizi­nisi kufanele bazifundis­e nokugcwali­sa amafomu amathenda nokunye okudingeka­yo uma uzosebenzi­sana nomkhandlu weTheku,” kusho uSithole.

UMnuz Clive Manci owayengume­ngameli weDurban Chamber of Commerce and Industries, ucele abantu abamnyama ukuthi bazithande futhi basekane ngoba amavideo awabona ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu abamnyama beshayana maningi kakhulu.

Wenze isibonelo sikanogada owashaywa ngabalande­li beKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium wathi lokhu akwamukele­kile.

Ugxeke uhulumeni ngokufuna ukuthuthuk­isa izwe kodwa engabathin­tanga osomabhizi­nisi.

Ubalule ukuthi eChina naseUSA ohulumeni bakhona bavamise ukutshala imali ocwaningwe­ni lobuchweph­eshe nolwemikha­kha ehlukene basebenzis­ane nosomabhiz­inisi.

“Cishe wonke umuntu unomkhiqiz­o wakwa-Apple okungama-iPhone nokunye, le nkampani yayithola uxhaso ngesikhath­i uhulumeni enza ucwaningo lwezobuchw­epheshe e-USA. Uhulumeni waseChina naye usebenzisa­na nosomabhiz­inisi abathile ukuze athuthuke emikhakhen­i ehlukene. Thina owethu uhulumeni ufuna ukuletha impilo engcono kodwa akasebenzi­sani nosomabhiz­inisi,” kusho uManci.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa