Isolezwe

Bakhala ngoR1.3m oxhase ezoMhlanga

- MLUNGISI GUMEDE

AMAQEMBU aphikisayo eMkhandlwi­ni weTheku ashaya amakhala ngendlela okusetshen­ziswe ngayo uR1.3 million, okhishwe uMasipala ukuze uxhase izintombi ebezihambe­le uMkhosi woMhlanga KwaNongoma.

Le mali ibihlukene kathathu uR918 000 wamabhasi, uR280 000 wokudla noR184 000 wendawo yokulala.

Zibalelwa ku-4 000, izintombi zaseThekwi­ni ebeziKwaNo­ngoma.

Emhlanganw­eni wamakhanse­la alawula uMasipala eCity Hall, eThekwini izolo, i-IFP neDA bazwakalis­e ukungenami ngendlela le mali esetshenzi­swe ngayo.

Ikhansela leDA, uMnuz Heinz de Boer lithe ikhansela labo ebelihambe­le lo mcimbi libatshele ukuthi izintombi bezilele phansi etendeni kukhapheth­i ngoba izipontshi bezingekho.

“Sifuna ukwazi ukuthi kungani izipontshi bezingekho ngoba yaphuma imali yazo ngesikhath­i kukhishwa isabelomal­i sokuxhasa lo mcimbi,” kusho ude Boer.

Uthe ezinye izintombi bezikhala ngendlala ngenxa yokungakut­holi ukudla.

“Kusiphatha kabi ukuthi izingane zikhale ngendlala kodwa imali yokudla kade ikhishiwe, sifuna ukwazi ukuthi ngubani odle imali, lowo muntu kumele athathelwe izinyathel­o,” kusho uDe Boer.

Umholi wekhokhasi ye-IFP eMkhandlwi­ni weTheku, uMnuz Mdu Nkosi uthe ngeke kuphele ukudliwa kwemali eThekwini ngoba izigilamkh­uba kazithathe­lwa zinyathelo.

UNksz Ntombifuth­i Gumede oyikhansel­a le-IFP elalihambe­le uMkhosi woMhlanga lithe ezinye

izingane zazilele phansi otshanini ngenxa yokuthi ukhaphethi owawufakiw­e wawungenel­e etendeni lonke.

“Thina sasiphakam­ise ukuthi

kuthengwe izipontshi zomkhandlu ezizohlala ngoba uMkhosi woMhlanga kuyaziwa ukuthi uba minyaka yonke, lokho kungasiza kakhulu ekongeni imali kunokuthi kuhlale njalo kuthiwa kuqashwa izinto ezigcina zingabonak­ali,” kusho uNksz Gumede.

Ikhansela le-ANC uNkk Zama Sokhabase, lithe kusekusha kakhulu ukuthi amaqembu aphikisayo asengakhul­uma, abuze ngemali ukuthi isetshenzi­swe kanjani kodwa umbiko ogcwele ungakaphum­i.

“Kumele kulindwe kuphume umbiko, yiwona ozobe ususinika isithombe ngokuthi kwenzekeni okwamanje akukho okutheni esingakush­o futhi nokukhomba­na ngeke kuze kusize,” kusho uNkk Sokhabase.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa