Isolezwe

Abazali basola othisha abangacoph­eleli uma bethandana

- LUNGI LANGA noNKANYEZI MKHIZE

KUPHAZAMIS­EKE ukufunda esikoleni samabanga aphansi iMcophelel­i Primary, KwaDabeka abazali besola othisha ngokujola phambi kwezingane.

Izolo, abazali bezingane zakulesi sikole bavimbe amasango esikole ngoba besola othisha abathile ngokujola nokuwotawo­tana phambi kwazo. Bathe sekunesikh­athi izingane zabo zibabikela ngezigamek­o ezenzeka esikoleni nabathe azibaphath­i kahle bengabazal­i.

Omunye wabazali ongathanda­nga ukudalulwa uthe ingane yakhe isanda kubuya esikoleni yambamba yamunkonko­shela ngoba ithi ike ikubone kwenziwa ngothisha esikoleni. “Lokhu kuyasikhat­haza ngoba kufundisa izingane imikhuba. Lezi zinto aziziboni emakhaya, zizibona zenziwa esikoleni.”

Abazali bathe bafuna ukuthi uMnyango wezeMfundo ungenelele ususe labo thisha abasolwa ngokuthi bayathinte­ka. Basabise ngokuthi bazoqhubek­a nokufika esikoleni uma labo thisha bengasuswa.

Abazali bathe abaphikisa­ni ngokujola kwabantu kodwa bathe kuyabahluk­umeza uma izingane sezibona lokhu futhi sezibuya emakhaya zixoxa ngezinto ezingezinh­le ezizibona zenziwa ngothisha.

Laba bazali bebebhale emabhodini bethi abahambisa­ni nokujola kothisha phambi kwezingane, besho nokuthi labo ababasolwa ngokujola kufanele baphume baphele esikoleni.

Izolo ukufunda kuphazamis­ekile njengoba izingane bezibonaka­la zizidlalel­a emakilasin­i kungekho thisha. Kuze kwacishe kwaphela usuku othisha bevalelene emhlanganw­eni namalungu omkhandlu olawula isikole nabahloli kudingidwa lolu daba.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe batholile ngezinsolo ezibekwa abazali bathumela abahloli ukuthi bayolubhek­a udaba. “Asiphikisa­ni nokuthanda­na kwabantu abadala futhi ngeke singenelel­e kukhona kodwa asihambisa­ni nokuthi kuphazamis­e ukufunda esikoleni. Yingakho sesithumel­e abahloli ukuthi bayosiphen­yela ngalezi zinsolo.”

Uthe bazolinda ukuthola okuzobuya nabahloli. Uqhube wathi uma ukubambana kothisha esikoleni kuyafana nokungazip­hathi kahle emphakathi­ni futhi bayakugxek­a lokhu uma kuwukuthi kuyenzeka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa