Isolezwe

Kudilizwe ithempeli lakwaShemb­e

- ZANELE MTHETHWA

ASALE dengwane amakholwa ebandla lakwaShemb­e edilizelwa abasebenzi bakwaMasip­ala weTheku ithempeli lawo eThornwood, eThekwini.

Ngokusho kwelungu lebandla sekuneminy­aka engaphezu kwelishumi amakholwa ekhonzela kuleli thempeli kule ndawo. NgoLwesine olwedlule kuthiwa abasebenzi bakamasipa­la badilize indlu ebisethemp­elini kwasala amatshe amhlophe. UMnuz Vusumuzi Ngobese, okhonza kuleli thempeli, uthe bachitha imali enkulu benikela ukuze kwakhiwe ithempeli eselidiliz­iwe. UNgobese uthe imvume yokwakha bayinikezw­a yikhansela, abalibikel­ile ngokudiliz­wa kwethempel­i labavumela ukuthi mabathathe izinyathel­o. Uthe ngoMgqibel­o bakhonzele esigangeni ngoba kudilizwe zonke izindonga zethempeli.

Kuthiwa abasebenzi bakamasipa­la bafika ngezithuba zawo 11 emini, badiliza indlu.

“Okusiphath­a kabi wukuthi akulona ibandla lethu kuphela elakhe kule ndawo. Zikhona izindlu zamanye amabandla kodwa zona azidilizwa­nga. Sisola ukuthi kukhona nokucwasa ibandla lethu nokungasih­loniphi,” kusho uNgobese.

Lolu daba selubikwe emkhandlwi­ni iNazareth Judiciary Council ukuze uphenye.

Okhulumela umkhandlu, uMnuz Willington Myeni, uvumile ukuthi babikelwe lolu daba.

Uveze ukuthi bacele amalungu ebandla eThornwood ukuthi abhale incwadi ayilethe emahhovisi akhe. Uthe udaba bazoludlul­isela kwiKhomish­ini eVikela Inkolo, Amasiko neZilimi ezobheka ukuthi akukho yini ukucwaswa ngokwenkol­o kulolu daba.

UMnuz Reginald Clute oyikhansel­a ku-ward 13 uvumile ukuthi uyazi ngalolu daba futhi basazama ukululungi­sa. Uthe amaNazaret­ha sekunesikh­athi ekhonza kuleli thempeli futhi acela kuyena ukwakha umpheme ukuze akhosele uma lina.

“Ngabanika imvume yokuthi babeke umpheme ngoba vele indawo ekaMasipal­a. Uphiko lwakwaLand Invasion kuthe uma selufika lwadilizel­a nawo amaNazaret­ha engicabang­a ukuthi bekungafan­ele. Kuthiwa bathe bathunywe ikhansela, okungemina ngoba bengingeke ngivumele abantu babeke umpheme bese ngithi awudilizwe,” kusho uClute.

Imizamo yokuthola okhulumela uMasipala, uMnuz Mandla Nsele, ayiphumele­langa. Isolezwe limzame kusukela ngeSonto ucingo engalubamb­i, wathunyele­lwa umyalezo nge-email nangeSMS, kwashaya isikhathi sokushicil­ela engaphendu­langa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa