IDover ifuna ukubuyela ku-100%
SIFUNA ukubuyela ekutholeni u-100% isikole esisepulazini lomoba iDover Combined High, esasaziwa ngeDover Farm School, esiseMpangeni.
Lesi sikole esiqala kwaGrade R sigcine kwa-matric sisehlane njengoba simaphakathi nepulazi, akukho mizi eseduzane naso.
Uma uphuma edolobheni eMpangeni uya kusona uze uzitshele ukuthi usudukile njengoba unqamula esigangeni ongazitsheli ukuthi kungaba nesikole okufundwa kusona futhi esenza kahle minyaka yonke kwamatric.
Uma usufika khona ukhangwa ngamakilasi angomahamba nendlwana asemadala nakuba ekhona amanye akhiwe ngezitini.
Lesi sikole sike sathola u-100% kwa-matric eminyakeni edlule kanti abafundi bakhona balethwa ngamabhasi njengoba besuka ezindaweni ezakhele iMpangeni, abanye basuka ngisho eMtubatuba.
Uthishanhloko waso, uMnuz Wanda Mzobe (42), ube yiqaqa efika kulesi sikole njengoba kwaze kwashiswa isikole izikhawu eziningi kodwa lokhu akuzange kumthene amandla noma kumenze alaxaze umsebenzi wakhe.
Uthe waqhubeka wabekezela wagxila emsebenzini wakhe lwabuya uzinzo esikoleni.
“Izinto zazinzima kodwa umuntu wenza okwakumele akwenze ukuthi abheke phambili asebenze. Isikole sashiswa izikhawu eziningana kodwa phezu kwalokho ngama ngathi ngizolubuyisa uzinzo,” kusho uMzobe.
Uthi buhle ubudlelwano manje wathi basebenzisana kahle kakhulu nothisha kanjalo nabazali.
“Isigungu sesikole sisebenza ngokuzikhandla. Babambe iqhaza esikoleni bayazama ukuze abafundi baphumelele. Okubalulekile ngukuthi kumele izingane ziphase noma kuthiwa sisebenza ngaphansi kwezimo ezinjani,” kusho uMzobe.
Uthe izinkinga ezazikhona zenza ukuthi lehle izinga lokuphasa kodwa ngemuva kokuba nozinzo laqala lanyuka izinga lokuphasa kwabafundi.
“Ngifike ngo-2013 kwaba nezinkinga lehla izinga lokuphasa laba ngu-61% ngo-2014. Ngo-2015 laba ngu-69%. Ngo-2016 lanyuka izinga laba ngu-71% njengoba ngonyaka odlule linyuke kakhulu laba ngu-94%,” kusho uMzobe.
Uthe bafuna ukubuyela ku-100% wathi lokhu kuzokwenzeka ngoba buhle ubudlelwano nokubambisana okukhona phakathi kothisha, abafundi nabazali.
Uthe awukho umlingo abawenzayo ukuze benze kahle ngaphandle kokungena ekuseni baphume ntambama.
Uma sekuzobhalwa abafundi baze balale esikoleni bebuyekeza wathi lo mnyakazo uthela ezinhle izithelo.
“Lokhu sikwenza ngokuhlanganyela nabazali ngoba sisuke sifuna ukuthi bazivumele izingane zize zizofunda. Kwabona abazali baba khona uma kufundwa ebusuku yingakho ngithi uma abazali bekweseka ukufunda kuba lula nezingane zenza kahle.”
Uthe kunamakilasi angu-18 wathi adinga ukuvuselelwa ikakhulu lawa angomahamba nendlwana, awekho esimeni.
Lesi sikole singuQuintle 3, okuyisikole okungakhokhwa imali yokufunda kuso kanti sithola imali encane kuhulumeni.
Ukuba sendaweni engekho ngaphansi komnyango wezemfundo kwenza kube nzima ukuthi umnyango usilungise.
Imali esiyitholayo emnyangweni kukhokhelwa ngayo ugesi namanzi bese kuba nzima ukubhekana nokulungisa ingqalasizinda.
Sinabafundi abangu-815, othisha abangu-25, iphini likathishanhloko oyedwa nezinhloko ezine zeminyango.
UMzobe ukhale ngabafundi abangenazo izitifiketi zokuzalwa okwenza ukuthi bangalutholi uxhaso lwalaba bafundi emnyangweni.
Uthe akugxiliwe kuphela ezifundweni njengoba kunemidlalo efana nebhola, netball nomculo okukhona kulesi sikole.
Omunye wosaziwayo abafunda kulesi sikole kubalwa uSiya Mhlongo, ongumsakazi woKhozi FM.