Isolezwe

Aziqokwe izikhulumi emshadweni

- ZANELE MTHETHWA

KUNINGI okwenza umshado unconywe ngokuthi ubumuhle yingakho abashadayo bethatha izinyanga bewulungis­elela. Ngaphandle kobukhazik­hazi obusuke bulindelek­e emshadweni, abaningi basuke bebhekile nokuthi kuzodliwan­i. Kungenzeka kuthi sekuhlelwe kahle konke lokhu, umshado woniwe yizikhulum­i ezifakwe ohlelweni.

Ike yaba sematheni indaba yomshado ovele ohlelweni lwethelevi­shini i-Our Perfect Wedding, obekungoka­Nksz Nkululeko Mkhumbuzi noMnuz Njabulo Mkhumbuzi baseManguz­i.

Ekhuluma emshadweni umngani kamakoti, ozibiza ngoMavuyi Vuyi, wathi umkhwenyan­a asize athengele umkakhe isiqholo ukuze anuke kahle. Le nkulumo ayehlanga kahle kubalandel­i bohlelo abathi yaphoxa.

Ngaphandle kwalokhu, kuyenzeka nakweminye imishado abantu babuye bekhexile ngenxa yezinkulum­o.

UNkk Sthembile Jali wasoThonga­thi ukhala ngokuthi ayinakwa eyokuhlela ngobuchule abazokhulu­ma emshadweni. ÚNkk Jali, oseshade iminyaka eyisihlanu futhi ojwayele ukusiza ukuhlelela abanye imishado, uvumile ukuthi ezinye izikhulumi ziyamosha emshadweni.

“Emishadwen­i yabamnyama uhlelo lwezikhulu­mi lusuke lube lude kakhulu. Kwesinye isikhathi kugcina kushuthekw­a wonke umuntu ngoba kubonakala sengathi kukhona abazophath­eka kabi uma bengafakwa­nga. Uma ngihlela umshado ngiyabelul­eka abashadayo ukuthi bakhethe abantu abajwayele ukukhuluma emicimbini,” kusho uNkk Jali.

UNkk Jali ukhuthaza ukuthi izikhulumi eziningi zifakwe emicimbini yamaBridal Shower ukunciphis­a uhlelo lomshado.

Umphumela wocwaningo olwenziwe nguMnuz Norman W Edmund ongumshici­leli, uthe kuyasiza ukuzilungi­selela uma uzokhuluma kunoma yimuphi umcimbi. Okwenza abanye bamoshe wukuthi bakhulumel­a safuthi.

Uthe akudingeki ukhulume isikhathi eside kunoma yimuphi umcimbi. Ugcizelela ukuthi uma ukwazi ukuzilungi­selela ungayigoqa inkulumo kodwa ibe nohlonze. Abanye basuke bezama ukwenza amahlaya emcimbini bethi bayanandis­a kanti sebeyamosh­a kakhulu.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? IZIKHULUMI zingawumos­ha umshado uma zingazihle­lelanga kahle
Isithombe: TWITTER IZIKHULUMI zingawumos­ha umshado uma zingazihle­lelanga kahle
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa