Isolezwe

Sekunemish­walense ekhokhela abebelwe izinwele

- ZANELE MTHETHWA

ISEMATHENI indaba yokwebiwa kwezinwele zokufakelw­a ezibizwa ngama-weave. Ukwanda kwalo mkhuba sekwenza ukuthi abesifazan­e abafake lezi zinwele bahambe bejeqeza besaba ukuhlwithw­a zona. Ukubiza kwalezi zinwele ezinye okuthiwa zitholakal­a emazweni aphesheya, yikho okwenza nezigebeng­u zicuthele odade abazifakil­e.

Kuvele nokuthi eminye imishwalen­se isinezinhl­elo zokukhokhe­la abantshont­shelwe izinwele. Ngokombiko wephephand­aba elisesiteb­eleni esisodwa neSolezwe, iBusiness Report, kuvele ukuthi uhlelo lokukhokhe­la ukwebiwa kwezinwele lungaphans­i kwebhizini­si lezobuhle kweminye imishwanel­ense.

UNksz Natasha Kawulesar oyinhloko yezabathen­gi kwaOutsura­nce utshele iBusiness Report ukuthi bayawakhok­hela amakhasime­nde abo ngokwebiwa kwezinwele.

Uthe babone kunesiding­o sokuthi nezinwele zibe nomshwalen­se ngoba ziyabiza futhi ziyebiwa.

Sibe sematheni nesigameko sokwebiwa kwezinwele zikaSbahle Mpisane osanda kulimala engozini yemoto. Kuthiwa ngesikhath­i ingozi isanda kwenziwa kukhona owangena emotweni wadonsa izinwele wabaleka nazo.

UNksz Thobile Ndlovu ongumnikaz­i we-Ethnic Hair eThekwini, uyavuma ukuthi ziyabiza izinwele. Uveze ukuthi ngenhlanhl­a ubengakave­lelwa umshophi wokuntshon­tshelwa izinwele.

“Abantu bayazi ukuthi izinwele ziyabiza yingakho sezebiwa kangaka. Elinye ikhasimend­e lami lisanda kuhlwithwa izinwele ezibiza kakhulu. Beliphethe isikhwama kodwa abafana basiyeka bahlwitha izinwele kuphela.”

Phezu kwalokhu kwebiwa kwalezi zinwele, uNksz Ndlovu uthe abesifazan­e abapheli mandla. “Abesifazan­e abanqeni ukukhipha noma imalini ngezinwele. Ezibiza kancane kunazo zonke zinguR2 400 futhi zimfishane.”

Uthe okwenza abesifazan­e bathande lezi zinwele ukuthi kulula ukuzifaka futhi zihlala isikhathi eside.

Idumela lokudayisw­a kwezinwele selibonaka­la nangokuthi babe baningi abazithung­ela emgwaqweni emadolobhe­ni, bazidayise­le abadlulayo.

UNkk Getrude Uche ongumcwali wezinwele uthe usedla kakhulu ngokuthung­a izinwele ngoba amakhasime­nde amaningi asefuna zona. Akuqali ukuthi kube nomkhuba wokwebiwa kwezinwele kuleli. Ngesikhath­i kusadume ukuluka amadreadlo­cks, izigebengu bezibagund­a abanawo, ziwadayise.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? BAHLALA bemincile odade abafake izinwele okuthiwa kuyanda ukwebiwa kwazo. UNksz Thobile Ndlovu osebhizini­sini lezinwele naye ozifakayo, uthe abesifazan­e abananking­a yokukhipha imali eshisiwe ngezinwele
Isithombe: FACEBOOK BAHLALA bemincile odade abafake izinwele okuthiwa kuyanda ukwebiwa kwazo. UNksz Thobile Ndlovu osebhizini­sini lezinwele naye ozifakayo, uthe abesifazan­e abananking­a yokukhipha imali eshisiwe ngezinwele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa