Isolezwe

Kuningi esingakunc­ela kumfo kaNgobe

-

MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ake ngibonge umfo kaNgobe esaphila. Uyisibonel­o esihle uTshatha Ngobe (osesithomb­eni) kwabasakhu­la nakubasaka­zi boKhozi FM. Umfo kaNgobe uyasazisa isiZulu futhi ungomunye wabantu ongancela ulwazi oluningi kuyena ngezithint­a izindaba zakwaZulu noma ezazenzeka kudala.

Lo msakazi angakushay­ela izibongo zamakhosi ake aphatha kwaZulu kube sengathi uzifunda phansi. Kwesinye isikhathi kuke kuthi uma exoxa ngomlando wakwaZulu nangezimpi zakudala kuvele kube sengathi wayekhona kwenzeka lokho.

Ukuzwa umuntu osemsakazw­eni ezazi ukuthi uphuma kuphi kwenza nabanye abasezikhu­ngweni zemfundo ephakeme bawuhalele umlando wakithi ngoba phela cha wona umnandi. Yize-ke okhokho nomkhulu baphangala­la ngaleso sikhathi kodwa uma uxoxwa kuvuka uhlevane uzizwe ungumZulu wangempela. Isizukulwa­ne sanamuhla sazi ukuthi uma saze nje ukuthi ubani uyise, mhlawumbe-ke nomkhulu, kuphelile kanti cha bakwethu ayikho into emnandi njengokush­o uyihlo okuzalayo uma uqeda ngaye uye kumkhulu wakho uqhubeke njalonjalo nokubabong­ela kuze kufike kokhokho ongenalo ulwazi oluningi ngabo.

Njengoba kuyinyanga yamagugu, intsha esakhula njengathi kuningi engakuncel­a kumfo kaNgobe uma engase ageqe amagula ngezindaba zakithi. Okunye ngaye, nakuba ngingakaze ngihlangan­e naye kodwa uzwakala engumuntu ongazithwe­le nobazisayo abanye abantu. Angizogxil­a-ke kakhulu lapho ngoba ngike ngasho ukuthi angikaze ngimbone ngamehlo.

Sengipheth­a, kuhle sikubone ukubalulek­a komuntu esaphila kungathi uma eseshonile usizwe sesikhala kakhulu sithi “hheyi wayewazisa umlando wakwaZulu uTshatha”.

Ukwazi ngomlando wakithi ngeke kwasusa ubuchule kumuntu futhi ngeke kumphazami­se kwenze ukuthi angabe esalukhulu­ma ulimi lwesiNgisi abanye abalukhonz­e kakhulu. Jabulani Pho Madlala EGREYTOWN

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa