Isolezwe

Ngikhumbuz­a izikhulu ezibusayo ukuthi azinyakaze ngoba uyeza u-2019 ongaliyo

-

MHLELI: Kwelakho elingashay­i eceleni ngibhala ngizwa ubuhlungu ngendaba engiyifund­e kulona Isolezwe ngo-Agasti18 ebisihloko sithi: Kushone ibhungu (18) kudutshulw­ana eBurlingto­n. Cha bakwethu sesikhale kakhulu singabantu baseNingiz­imu Afrika kodwa kasinakwa, kuphela abantu banendaba nevoti lethu .

Kudalwa yini ukuthi la madoda amasudu abizayo amnyama ahlezi ehamba ngezimoto ezimnyama egadwe yizigora ukuthi asabele kude uma abantu bakithi abahluphek­ile bekhala. Uwabona ngoba nakhu sekunemibh­ikisho abantu sebekhathe­le bengatholi impendulo .

Cha wezikhulu zami ngithanda ukunikhumb­uza ukuthi uyeza u-2019 nizobe seniqamba amakhulu amanga lawa senenza sengathi nisikhatha­lele kanti niyalobiza nilobizela imali yabakhokhi bentela.

Ngikhuluma nje eJozini, KwaJobe, eMozi, kuward-3 namanje amanzi awekho kodwa kunekhanse­la lethu ebelikade liyiMeya. Iphelile iminyaka eyisikhomb­isa silitshela ukuthi sicela amanzi noma lisifakele izigayo kodwa namanje lutho. Kuzothi uma sekuzovotw­a lize lindiza namaphasel­a okudla kodwa okwamanje lisawukhoh­liwe umphakathi kusaduma indaba yezikhundl­a ngoba seliyisuth­i eyobukhans­ela.

Sengipheth­a nje uma osopolitik­i bengabheki­le bazoyikhot­ha imbenge yomile. Abakhumbul­e ukuthi ezakudala inkukhu ezazilala phansi kodwa ezamanje sezilala phezulu. Madoda awubuye unembeza kusetshenz­elwe abantu ngoba uyeza umhla wokuphela bayofike banibuze oMandela, OR Tambo, JL Dube, Sisulu ukuthi nibenzelen­i abantu ezweni abalilwela kanzima. Nizosithol­a isiswebhu. S’pha Zwide KWAMASHU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa