Impi yokuntula imisebenzi singayilwa ngokubambisana
NGOMSOMBULUKO kwethulwe ngokusemthethweni uhlelo loukuthuthukiswa kwamakhono entsha efisa ukushayela amabhanoyi, ukutshuza nokutshala ukudla ngaphandle kokusebenzisa amakhemikhali.
Lolu hlelo lwenziwa ngaphansi kophiko lokuqeqesha lweTransport Education and Training Authority (TETA).
Isiyonke intsha okubhekwe ukuthi ihlomule kulolu hlelo ingu-200 nokuyizindaba ezimnandi njengoba kubantu abangu-27% abangasebenzi, iningi kuyintsha.
Nokho kuyadabukisa okushiwo yisikhulu esiphezulu seTETA, uNkk Maphefo AnnoFrempong sokuthi iningi lentsha eqeqeshelwa ukushayela amabhanoyi igcina isishayela amabhasi namatekisi ngoba iswele isipiliyoni.
Kunesibalo samahora umuntu oqeqeshelwe ukushayela amabhanoyi okudingeka asindize njengengxenye yokuqeqeshwa ngaphambi kokuthola igunya lokuthutha umphakathi.
UNkk Anno-Frempong uthe inselelo ababhekane nayo ukuthi azikho izinkampani ezithatha abafundi babo zibanike isipiliyoni esidingekayo ukuze baqasheke.
Ukuzama ukulwa nale nselelo, uNgqongqoshe wezemiSebenzi, uNkk Mildred Oliphant uthe kunezinkampani zezindiza zase-Ethiopia naseCanada asekhulume nazo ukuze zibalekelele abafundi baqedele amahora abawadingayo kuzona.
Akufanele ngabe sekuze kwafika lapho kuyiwa khona kwamanye amazwe zikhona izinkampani zakuleli zezindiza. Kuyichilo ukuthi izingane zingathi seziqeqeshiwe kodwa kugcine kube yize leze lokho njengoba kuthiwa ezinye zigcina sezishayela amabhasi namatekisi.
Inselelo yokuthi abantwana uma sebefundile kodwa bagcine bebhuquza emakhaya ngoba kuthiwa abanaso isipiliyoni yinto ekhona kuyona yonke imikhakha futhi idinga ukusukunyelwa.
Bekungafanele ungqongqoshe aze ayokhala e-Ethiopia naseCanada ukuze intsha isizakale. Izinkampani zakuleli ezizimele ake ziziveze, zilethe usizo, akuwona umsebenzi kahulumeni kuphela ukuhlinzeka abantu ngemisebenzi.
Impi yokuntuleka kwemisebenzi izonqobeka ngokuthi wonke umuntu abambisane, izinkampani ezizimele nohulumeni.