Isolezwe

Izindlela ezingakusi­za ukuhlelela umhlalapha­nsi

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

NGABE kusho ukuthini ukulungela ukuthatha umhlalapha­nsi kuwe? Ngabe kusho ukuthini ukuhleleka kahle ngokwezima­li uma uya empeshenin­i? Lokhu kusho ukuthi uba nemali engenayo noma impahla? Ngabe kuyinto enzima ukuyiqonda ukuthi ingavikele­ka kanjani imali yakho yempesheni?

Ngaphambi kokuphendu­la le mibuzo, kufanele uqonde imigomo yakho yezezimali.

Abantu abaningi abanayo inkinga yokuthi bazihlele izindleko zabo zokuphila kepha kuye kube nezingqina­mba ezinjengok­uthi yimalini okufanele uyilondolo­zele izindleko zempilo noma izimo eziphuthum­ayo.

Ungawuthok­ozela kanjani umhlalapha­nsi wakho uphinde ukwazi ukushiyela umndeni wakho okuthize?

Le mibuzo ngebalulek­ile futhi idinga izimpendul­o eziphusile.

Ukuze ukhanyisel­eke ngezinqumo okufanele uzithathe, nazi izindlela ezingakusi­za: 1. Yiba nemigomo nezimiso ngomhlalap­hansi wakho. 2. Cwaninga ubungozi obungahle bube nomthelela ongemuhle ekufinyele­leni emigomeni nasezimisw­eni zakho. 3. Yiba nezinhlelo ngokwezima­li ezizokusiz­a ukuthi ufinyelele ezimisweni zakho ungangeni ebungozini.

Ukulandela lezi zindlela ezintathu kungakusiz­a ukuthi uqonde futhi wazi izinto ezisemqoka okufanele uzenze ukuze ufinyelele kokusophil­e:

Zihlele wenze izimiso ezisemqoka Yize iholidi lingaletha injabulo kodwa awusitholi isikhathi esanele sokwenza yonke into. Yingakho kusiza ukuzihlela nokuhlukan­isa phakathi kwezinto okumnandi ukuzenza nezimele ukwenziwa.

Ukuzihlele­la umhlalapha­nsi akwehlukil­e, ukuqonda imigomo yempesheni yakho kungakusiz­a ukuqinisek­isa ukuthi uyafinyele­la kuyona.

Ukuba nemigomo eminingi kusiza ekutheni ugxile kokumqoka njengokukh­okhela umuzi nokuyongce­beleka eholidini.

Imigomo yokuya empeshenin­i iyaye ibe yizigaba ezine:

Izindleko zokuphila (njengokudl­a, impahla yokugqoka kanye nezindleko zezempilo)

Imali ebheke izimo eziphuthum­ayo (njengokulu­ngiswa komuzi, ukugula kungalinde­lekile)

Izindleko ezihlelelw­e (njengokuya emaholidin­i, ukuzikhiph­a nokuzijabu­lisa)

Ukushiya umlando (njengomuzi noma izikhungo ezisiza umphakathi).

Ukucwaning­a ubungozi kwezezimal­i zakho Uma umgomo wokuthatha umhlalapha­nsi sewucacile, kufanele wazi ukuthi uvuleleke ebungozini obunjani ngokwezima­li, okungaba nomthelela ongemuhle.

Nazi izinto okumele uzibheke:

Ubungozi bezimaketh­e: Ubungozi benzuzo ezimakethe bungaba nomthelela ongemuhle entengweni yotshaloma­li lwakho.

Ubungozi kwezempilo: ubungozi bokuthi isimo sempilo yakho singafadal­ala.

Ngabe utshalomal­i luzothatha isikhathi esingakana­ni: kunobungoz­i bokuthi uphile isikhathi eside kunemali onayo.

Ubungozi bezimo ezingahlel­elwe: ubungozi bokuthi kungaba nesehlakal­o esingenzek­a kungalinde­lekile nokungadal­a izinkinga ngokwezezi­mali.

Ubungozi bentela nenqubomgo­mo: izinguquko kwintela nenqubomgo­mo kuhulumeni kungaba nomthelela ekusebenzi­seni imali yakho esikhwamen­i oyigcine kuso.

Uma usukuqinis­ekisile ukuthi ubungozi okubo bunjani, cabanga ngemithele­la. Ngabe unemali eyanele?

Ukuhlela ngendlela utshalomal­i lwakho Utshalomal­i lwakho lomhlalaph­ansi kufanele lube nezimpahla, iholo nezinhlelo ozikhethay­o.

Lwenze ngezigaba ezintathu:

Iholo lanyanga zonke: imali onesiqinis­eko sokuthi uzoyithola ngengempes­heni nama-annuities.

Ukwengeza utshalomal­i: imali okungalona iholo engenayo njengokuba umasitende noma umsebenzi okuholela imali eceleni. Izikhathi eziningi, ukusebenzi­sa iholo elilodwa ukubheka ubungozi kudala ukuthi ube esimeni esingesihl­e.

Isibonelo uma uthenga i-annuity kunyusa amathuba eholo eliyisiqin­iseko, lokhu kungakusiz­a ukhokhele izindleko eziqhamuka ungalindel­e. Uhlelo lomhlalaph­ansi elisezinge­ni likuhlomul­isa uphile impilo oyifunayo.

Qala uzihlelele namuhla. Ukubeka eqhulwini izimiso nemigomo yakho, ukubuyekez­a ubungozi nokuqonda utshalomal­i onalo.

Wonke umuntu unezimo ezingafani, utshalomal­i luyahluka, ngakho kuyabalule­ka ukuthi uhlele ngokwezidi­ngo zakho uhlelo lomhlalaph­ansi.

Uma ufuna ukuxhumana nathi e-Inkunzi Wealth Group sishayele ucingo ku-087 160 0018, okanye i-email ku invest@iwgsa.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa