Kuningi esingakuncela kumfo kaNgobe
MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ake ngibonge umfo kaNgobe esaphila. Uyisibonelo esihle uTshatha Ngobe (osesithombeni) kwabasakhula nakubasakazi boKhozi FM. Umfo kaNgobe uyasazisa isiZulu futhi ungomunye wabantu ongancela ulwazi oluningi kuyena ngezithinta izindaba zakwaZulu noma ezazenzeka kudala.
Lo msakazi angakushayela izibongo zamakhosi ake aphatha kwaZulu kube sengathi uzifunda phansi. Kwesinye isikhathi kuke kuthi uma exoxa ngomlando wakwaZulu nangezimpi zakudala kuvele kube sengathi wayekhona kwenzeka lokho.
Ukuzwa umuntu osemsakazweni ezazi ukuthi uphuma kuphi kwenza nabanye abasezikhungweni zemfundo ephakeme bawuhalele umlando wakithi ngoba phela cha wona umnandi. Yize-ke okhokho nomkhulu baphangalala ngaleso sikhathi kodwa uma uxoxwa kuvuka uhlevane uzizwe ungumZulu wangempela. Isizukulwane sanamuhla sazi ukuthi uma saze nje ukuthi ubani uyise, mhlawumbe-ke nomkhulu, kuphelile kanti cha bakwethu ayikho into emnandi njengokusho uyihlo okuzalayo uma uqeda ngaye uye kumkhulu wakho uqhubeke njalonjalo nokubabongela kuze kufike kokhokho ongenalo ulwazi oluningi ngabo.
Njengoba kuyinyanga yamagugu, intsha esakhula njengathi kuningi engakuncela kumfo kaNgobe uma engase ageqe amagula ngezindaba zakithi. Okunye ngaye, nakuba ngingakaze ngihlangane naye kodwa uzwakala engumuntu ongazithwele nobazisayo abanye abantu. Angizogxila-ke kakhulu lapho ngoba ngike ngasho ukuthi angikaze ngimbone ngamehlo.
Sengiphetha, kuhle sikubone ukubaluleka komuntu esaphila kungathi uma eseshonile usizwe sesikhala kakhulu sithi “hheyi wayewazisa umlando wakwaZulu uTshatha”.
Ukwazi ngomlando wakithi ngeke kwasusa ubuchule kumuntu futhi ngeke kumphazamise kwenze ukuthi angabe esalukhuluma ulimi lwesiNgisi abanye abalukhonze kakhulu. Jabulani Pho Madlala EGREYTOWN