Ngikhumbuza izikhulu ezibusayo ukuthi azinyakaze ngoba uyeza u-2019 ongaliyo
MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni ngibhala ngizwa ubuhlungu ngendaba engiyifunde kulona Isolezwe ngo-Agasti18 ebisihloko sithi: Kushone ibhungu (18) kudutshulwana eBurlington. Cha bakwethu sesikhale kakhulu singabantu baseNingizimu Afrika kodwa kasinakwa, kuphela abantu banendaba nevoti lethu .
Kudalwa yini ukuthi la madoda amasudu abizayo amnyama ahlezi ehamba ngezimoto ezimnyama egadwe yizigora ukuthi asabele kude uma abantu bakithi abahluphekile bekhala. Uwabona ngoba nakhu sekunemibhikisho abantu sebekhathele bengatholi impendulo .
Cha wezikhulu zami ngithanda ukunikhumbuza ukuthi uyeza u-2019 nizobe seniqamba amakhulu amanga lawa senenza sengathi nisikhathalele kanti niyalobiza nilobizela imali yabakhokhi bentela.
Ngikhuluma nje eJozini, KwaJobe, eMozi, kuward-3 namanje amanzi awekho kodwa kunekhansela lethu ebelikade liyiMeya. Iphelile iminyaka eyisikhombisa silitshela ukuthi sicela amanzi noma lisifakele izigayo kodwa namanje lutho. Kuzothi uma sekuzovotwa lize lindiza namaphasela okudla kodwa okwamanje lisawukhohliwe umphakathi kusaduma indaba yezikhundla ngoba seliyisuthi eyobukhansela.
Sengiphetha nje uma osopolitiki bengabhekile bazoyikhotha imbenge yomile. Abakhumbule ukuthi ezakudala inkukhu ezazilala phansi kodwa ezamanje sezilala phezulu. Madoda awubuye unembeza kusetshenzelwe abantu ngoba uyeza umhla wokuphela bayofike banibuze oMandela, OR Tambo, JL Dube, Sisulu ukuthi nibenzeleni abantu ezweni abalilwela kanzima. Nizosithola isiswebhu. S’pha Zwide KWAMASHU