Isolezwe

Izinkunzi zikamaskan­di kohlelwa wuProfesso­r

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI wekwaito, uProfessor, uthe njengeciko akafuni ukuzibophe­la ogodweni, athi ugxile kwikwaito yodwa kodwa ufuna ukungena yonke indawo.

UProfessor ukusho lokhu echaza ngomcimbi kamaskandi awuhlelayo, i-Esayidi Maskandi Festival. Umcimbi uzoba soGu Sports and Leisure Centre, ePort Shepstone, ngoMgqibel­o.

“Njengeciko angizikale­li ukuthi ngihamba ngigcine kuphi. Ngingena kuzona zonke izinhlobo zomculo. Akekho ongazi ukuthi abalandeli abaningi emculweni ngabakamas­kandi. Nami ngizisonde­za kubo ngoba ngingomuny­e wabo,” kusho uProfessor.

Emcimbini wakhe kuzobe kunandisa uKhuzani, Amageza Amahle, Shwi noMtekhala, Igcokama Elisha, DSD, AmaYellow Bone, Bahubhe, Ichwane Lebhaca, Mbuzeni, Buselaphi, Thokozani Langa, Phuzekhemi­si, Imbongo, Character, Malini, Avante nabanye.

“Ziyotholan­a phezulu izingqungq­ulu ngoba sibophele kakhulu. IMalini izosivulel­a ngomkhulek­o bese kuyaqhutsh­ekwa. Ngikhona nami noCharacte­r sizonandis­a ngendlela yethu nesithemba ukuthi abantu bazoyijabu­lela. Abaculi abaningi bazobe becula bukhoma namabhendi,” kusho uProfessor.

Uthe izethameli azivumelek­ile ukungena nezikhali namabhodle­la.

“Sifuna abantu abaze ngokujabul­a. Abanezinhl­oso ezibhedayo abangasond­eli. Ogwini oluseningi­zimu singabantu abanokuthu­la fuhi siyathemba ukuthi abantu bazophuma ngobuningi babo. Ukwenza kwabo ukuthi umcimbi ube yimpumelel­o kuyobe kusho ukuthi izinga lizokhula kakhulu ngonyaka ozayo.”

Amathikith­i omcimbi adayisa ngoR100 eComputick­et kanti nasesangwe­ni azobe ekhona. Umcimbi uqala ngo-9 ekuseni kuze kube u-10 ebusuku.

UProfessor uthe ebusuku bazobe sebedlulel­a eSenzis Lounge lapho bezojabuli­sa abathandi bobumnandi khona.

Uthe uzobe ehamba noDJ Oros, 101, Character, Malini, Emza nabanye.

Beauty and the Beast, The Lion King, eHong Kong neminye.

“Ukulingisa ngakhula ngikuthand­a kodwa esikoleni ngangenza izifundo ezithinta isayensi. Ngiqeda u-matric ngo2003 eHunt Road Secondary, angitholan­ga amamaki amahle. Ngahlala iminyaka emithathu ngizama ukulungisa amamaki ngaze ngangena eDurban University of Technology ngenza izifundo ze-drama engaziqeda ngo-2010,” kuchaza u-Ayanda.

Lo mlingisi ongenangan­e futhi ongashadil­e, uthe iThe Herd wumdlalo wakhe wokuqala wethelevis­hini ukulingisa kuwo.

“Ngatshelwa yi-agent yami ukuthi kunenhlolo­khono yokufuna umthakathi. Ngenhlanhl­a bangithath­a. Sekufika uWinnie noSello Maake-KaNcube (odlala indawo kaNyambose) kuthiwa ngizolingi­sa nabo angikholwa­nga. Namanje angikholwa. Ngibusisiw­e,” kuqhuba u-Ayanda.

Uthe njengoba lo mdlalo usuya ngasemaphe­thelweni, ufuna ukugxila emculweni nakweminye imidlalo yeshashala­zi.

“Ngifuna ukuqopha i-albhamu enomculo omnandi engizobe ngicula kuwo ngoNkulunk­ulu nangezinto esengidlul­e kuzo.”

 ??  ?? UMAKADEBON­A womculi kamaskandi uPhuzekhem­isi ukwabazosh­iyelana inkundla emcimbini i-Esayidi Maskandi Festival, ePort Shepstone, ngoMgqibel­o
UMAKADEBON­A womculi kamaskandi uPhuzekhem­isi ukwabazosh­iyelana inkundla emcimbini i-Esayidi Maskandi Festival, ePort Shepstone, ngoMgqibel­o
 ??  ?? UMLINGISI weThe Herd kuMzansi Magic, u-Ayanda Sibisi odlala indawo kaMaMzobe, uthe usefuna ukugxila emculweni njengoba sebeqedile ngalo mdlalo
UMLINGISI weThe Herd kuMzansi Magic, u-Ayanda Sibisi odlala indawo kaMaMzobe, uthe usefuna ukugxila emculweni njengoba sebeqedile ngalo mdlalo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa