Isolezwe

Bayaziqhen­ya abenkampan­i ekhiqize iBaby Mamas

- NOKUBONGWA PHENYANE

“KUYATHOKOZ­ISA ukuthi ugcine uthela izithelo umsebenzi wethu weminyaka emithathu obungelula ngoba besihlala sikhala sisebenza nasebusuku.”

Lawa ngamazwi ashiwo intokazi eyazakhela igama yethula izinhlelo zezingane ekuqaleni kweminyaka yo-2000, uStephina Zwane.

UStephina noSalamina Mosese, banenkampa­ni yokuqopha nokukhiqiz­a izinhlelo, iSorele Media esanda kukhiqiza ifilimu ethi Baby Mamas, ekhuluma ngempilo ephilwa abantu besifazane abanezinga­ne emphakathi­ni abahlala kuwo.

Bekhuluma ngempumele­lo yefilimu ohlelweni iV-Entertainm­ent, bakuvezile ukuthi kuyathokoz­isa ukwazi ukuthi ngo-Okthoba 12 ifilimu izobe iqala ukubonakal­a emabhayisi­kobho ehlukene kuleli.

“Ngesikhath­i ngishiya ekubeni wumethuli wezinhlelo ngangena emkhakheni wamafilimu ngathi ngifika kuwona ngabona ukuthi ufana nomdlalo okumele usebenze kanzima kuwo ukuze uphumelele. Lena yifilimu yethu yokuqala kodwa hhayi ngingasho nginganana­zi ukuthi sicishe saguga sibancane ngenxa yokuba matasa nezingqina­mba esibhekene nazo,” kusho uStephina.

Uthe kuyajabuli­sa ukuthi ekugcineni baze baphumelel­a njengoba sekusele amasonto ambalwa abantu babone umsebenzi wabo.

“Ukuba ngabantu besifazane abamnyama nje kule ndima bekungelul­a kodwa ngoNkulunk­ulu konke kwenzeka,” kusho uStephina.

USalamina uthe waziwa ngokwethul­a izinhlelo nokulingis­a, ukuba uphrojusa yikhona okusekusha kule ndima akuyo.

“Ngiyakutha­nda ukuba wumlingisi, yingakho ukuba wumqondisi kule filimu ngivele ngakushiye­la yena mina ngagxila ekubeni uphrojusa nasekuling­iseni,” kuchaza uSalamina.

Uthe ekuqaleni kobungani babo babesho ukuthi baya kude emkhakheni wethelevis­hini.

Kule filimu kulingisa izintokazi esezizakhe­le igama okukhona kuzo uDineo Ranaka, Thembisa Mdoda, Salamina Mosese noKay Smith.

 ??  ?? UZOHLONISH­WA ngegalelo lakhe kuthelevis­hini uFelicia Mabuza-Suttle emcimbini iGauteng High Impact Leadership Summit 2018 ozoba ekupheleni kwale nyanga eSoweto IZINTOKAZI esezizakhe­le igama kwezokulin­gisa uStephina Zwane noSalamina Mosese bathi akubanga lula ngesikhath­i beqopha belungisel­ela ifilimu yabo entsha ezobonakal­a maduze iBaby Mamas
UZOHLONISH­WA ngegalelo lakhe kuthelevis­hini uFelicia Mabuza-Suttle emcimbini iGauteng High Impact Leadership Summit 2018 ozoba ekupheleni kwale nyanga eSoweto IZINTOKAZI esezizakhe­le igama kwezokulin­gisa uStephina Zwane noSalamina Mosese bathi akubanga lula ngesikhath­i beqopha belungisel­ela ifilimu yabo entsha ezobonakal­a maduze iBaby Mamas
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa