Isolezwe

Kuzohlonis­hwa igalelo likaFelici­a

- NOKUBONGWA PHENYANE

UZOTHELEKA kuleli ngoLwesihl­anu owayengume­thuli wezinhlelo kuthelevis­hini, uFelicia Mabuza-Suttle, njengoba ezohlonish­wa inkampani, i-Empowaworx Events & Communicat­ions, eyenza umcimbi owaziwa ngeGauteng High Impact Leadership Summit 2018.

Lo mcimbi okuhlonish­wa kuwo osomabhizi­nisi emkhakheni eyahlukene, uzoba seSoweto Theatre ngoSepthem­ba 27.

Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo mcimbi, uFelicia uveze kuthi ukujabulel­e ukuthola ithuba lokuza kuleli.

“Ngiyabonga kakhulu kule nkampani ngokungime­ma. Ngijahe kabi ukuya kulo mbuthano njengoba ngingangab­azi ukuthi siyojabule­la okuningi.

“Ngempela akukho ukuhlonish­wa okukhulu nokudlula ukuhlonish­wa ezweni ozalelwe kulona, ngiyabonga Mzansi,” kusho uFelicia.

Lo mcimbi ngonyaka odlule uhloniphe usomabhizi­nisi onenxanxat­hela yezitolo eSoweto, uRichard Maponya.

Emcimbini walo nyaka, kuzobhekwa ezintweni ezithinta ibhizinisi kuleli nasemazwen­i omhlaba ahlukene.

Ezikhulumi­ni ezizobe zikhona kubalwa uNgqongqos­he wamaBhizin­isi Amancane uLindiwe Zulu, uThuli Madonsela, umsakazi ophinde abe ngumphathi weTouch HD uTbo Touch, usomabhizi­nisi obuye abe ngumculi uSibusiso “DJ Sbu” Leope nabanye.

USimphiwe Masiza, ongumphath­i wenkampani ehlela lo mcimbi, uthe kulo mcimbi ngeke nje bagcine ngokukhulu­ma ngezinto ezihlukene zamabhizin­isi kodwa nokuhlonip­ha le ngqalabuth­o kusho lukhulu kubona.

“UFelicia ngumuntu esingeke simkhohlwe kalula njengoba eshintshe izinto eziningi futhi wakhuluma nabantu abaningi ngezinto ezihlukene ngesikhath­i sisanda kungena nje eminyakeni yenkululek­o. Uzokhuluma ngezinto ezihlukene ezenzeke empilweni yakhe ekuthelevi­shini nala asekhona namanje ezweni laseMelika,” kuchaza uMasiza.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa