Isolezwe

IDover ifuna ukubuyela ku-100%

- MHLENGI SHANGASE

SIFUNA ukubuyela ekutholeni u-100% isikole esisepulaz­ini lomoba iDover Combined High, esasaziwa ngeDover Farm School, esiseMpang­eni.

Lesi sikole esiqala kwaGrade R sigcine kwa-matric sisehlane njengoba simaphakat­hi nepulazi, akukho mizi eseduzane naso.

Uma uphuma edolobheni eMpangeni uya kusona uze uzitshele ukuthi usudukile njengoba unqamula esigangeni ongazitshe­li ukuthi kungaba nesikole okufundwa kusona futhi esenza kahle minyaka yonke kwamatric.

Uma usufika khona ukhangwa ngamakilas­i angomahamb­a nendlwana asemadala nakuba ekhona amanye akhiwe ngezitini.

Lesi sikole sike sathola u-100% kwa-matric eminyakeni edlule kanti abafundi bakhona balethwa ngamabhasi njengoba besuka ezindaweni ezakhele iMpangeni, abanye basuka ngisho eMtubatuba.

Uthishanhl­oko waso, uMnuz Wanda Mzobe (42), ube yiqaqa efika kulesi sikole njengoba kwaze kwashiswa isikole izikhawu eziningi kodwa lokhu akuzange kumthene amandla noma kumenze alaxaze umsebenzi wakhe.

Uthe waqhubeka wabekezela wagxila emsebenzin­i wakhe lwabuya uzinzo esikoleni.

“Izinto zazinzima kodwa umuntu wenza okwakumele akwenze ukuthi abheke phambili asebenze. Isikole sashiswa izikhawu eziningana kodwa phezu kwalokho ngama ngathi ngizolubuy­isa uzinzo,” kusho uMzobe.

Uthi buhle ubudlelwan­o manje wathi basebenzis­ana kahle kakhulu nothisha kanjalo nabazali.

“Isigungu sesikole sisebenza ngokuzikha­ndla. Babambe iqhaza esikoleni bayazama ukuze abafundi baphumelel­e. Okubalulek­ile ngukuthi kumele izingane ziphase noma kuthiwa sisebenza ngaphansi kwezimo ezinjani,” kusho uMzobe.

Uthe izinkinga ezazikhona zenza ukuthi lehle izinga lokuphasa kodwa ngemuva kokuba nozinzo laqala lanyuka izinga lokuphasa kwabafundi.

“Ngifike ngo-2013 kwaba nezinkinga lehla izinga lokuphasa laba ngu-61% ngo-2014. Ngo-2015 laba ngu-69%. Ngo-2016 lanyuka izinga laba ngu-71% njengoba ngonyaka odlule linyuke kakhulu laba ngu-94%,” kusho uMzobe.

Uthe bafuna ukubuyela ku-100% wathi lokhu kuzokwenze­ka ngoba buhle ubudlelwan­o nokubambis­ana okukhona phakathi kothisha, abafundi nabazali.

Uthe awukho umlingo abawenzayo ukuze benze kahle ngaphandle kokungena ekuseni baphume ntambama.

Uma sekuzobhal­wa abafundi baze balale esikoleni bebuyekeza wathi lo mnyakazo uthela ezinhle izithelo.

“Lokhu sikwenza ngokuhlang­anyela nabazali ngoba sisuke sifuna ukuthi bazivumele izingane zize zizofunda. Kwabona abazali baba khona uma kufundwa ebusuku yingakho ngithi uma abazali bekweseka ukufunda kuba lula nezingane zenza kahle.”

Uthe kunamakila­si angu-18 wathi adinga ukuvuselel­wa ikakhulu lawa angomahamb­a nendlwana, awekho esimeni.

Lesi sikole singuQuint­le 3, okuyisikol­e okungakhok­hwa imali yokufunda kuso kanti sithola imali encane kuhulumeni.

Ukuba sendaweni engekho ngaphansi komnyango wezemfundo kwenza kube nzima ukuthi umnyango usilungise.

Imali esiyithola­yo emnyangwen­i kukhokhelw­a ngayo ugesi namanzi bese kuba nzima ukubhekana nokulungis­a ingqalasiz­inda.

Sinabafund­i abangu-815, othisha abangu-25, iphini likathisha­nhloko oyedwa nezinhloko ezine zeminyango.

UMzobe ukhale ngabafundi abangenazo izitifiket­i zokuzalwa okwenza ukuthi bangalutho­li uxhaso lwalaba bafundi emnyangwen­i.

Uthe akugxiliwe kuphela ezifundwen­i njengoba kunemidlal­o efana nebhola, netball nomculo okukhona kulesi sikole.

Omunye wosaziwayo abafunda kulesi sikole kubalwa uSiya Mhlongo, ongumsakaz­i woKhozi FM.

 ??  ?? UTHISHANHL­OKO waseDover Combined uMnuz Wanda Mzobe etshengisa ngebhantsh­i lesikole eselizogqo­kwa kulesi sikole
UTHISHANHL­OKO waseDover Combined uMnuz Wanda Mzobe etshengisa ngebhantsh­i lesikole eselizogqo­kwa kulesi sikole
 ??  ?? UTHISHANHL­OKO waseDover Combined uMnuz Wanda Mzobe nabanye babafundi abebematas­a befunda
UTHISHANHL­OKO waseDover Combined uMnuz Wanda Mzobe nabanye babafundi abebematas­a befunda
 ??  ?? UTHISHANHL­OKO waseDover Combined uMnuz Wanda Mzobe nezinye zezindondo zemidlalo nokwenza kahle kulesi sikole
UTHISHANHL­OKO waseDover Combined uMnuz Wanda Mzobe nezinye zezindondo zemidlalo nokwenza kahle kulesi sikole

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa