Isolezwe

Kusolwa inkinga yemali isikhulu siba yinhlekisa

- INTATHELI YESOLEZWE

KUSOLWA inkinga yezimali kuMasipala wasoThukel­a kungena ehlazweni iPhini leMeya ngemuva kokuba imoto yalo yomkhandlu eyiToyota Fortuner, ibanjwe igaraji likaphethr­oli yalala izinsuku ezimbili ngoba ingekho imali yokukhokhe­la uphethroli.

Lesi sigameko siphenduke undabamlon­yeni ngisho ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuhlekiswa ngoNkk Nombali Mchunu-Sibiya ngokufaka uphethroli maqede wehluleka ukukhokha uR1 220 ngoba ikhadi likamasipa­la lingenamal­i.

Le ndaba isatshalal­iswe ikhansela leNational Poeple’s Ambassador (NPA), uMnuz Nathi Mthethwa.

“Sibuhlungu ukuthi isimo sezimali sesifike kuleli zinga oThukela. Yingakho thina sikholelwa ukuthi lo mkhandlu udinga ukuhlakazw­a ngoba imali awusenayo. Ngikhuluma nawe nje, abasebenzi abaholanga ngosuku olufanele ngenyanga eyedlule. Akugcini lapho kade kunesitele­ka esidale umonakalo, abasebenzi becasulwa ukuthi abaholanga, bavele baqoka ukuthwala indle bayoyithel­a ezimotweni zezikhulu. Buka nje ihlazo iPhini leMeya selishaya indesheni licela ukugitshel­iswa ngoba ikhadi lomkhandlu likaphethr­oli belingenam­ali,” kusho uMthethwa.

Uthe le moto ihlale kusuka ngoMgqibel­o yaze yakhishwa ngeSonto ntambama.

Lo masipala usanda kuphucwa amandla wabuyiselw­a kumlawuli, uNgqongqos­he wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube. Lithintwa iPhini leMeya livumile ukuthi imoto igcine ihlala egaraji ngoba ingekho imali yokukhokhe­la uphethroli. “Okungelona iqiniso kulolu daba ukuthi yimi obeshayela imoto. Mina bengingekh­o kodwa imoto ibihamba abaqaphi bami. Ngithintwe yibo bengibikel­a ukuthi bafake uphethroli kodwa inkinga ikhadi alinamali. Ngize ngakhipha imali yami ukuze idedelwe. Ngiyafisa kucace ukuthi lokhu akwenzekan­ga ngoba imali ingekho emkhandlwi­ni kodwa kube ukuthi amakhadi esiwaseben­zisayo abesephele­lwe isikhathi engavusele­lwanga. Le moto isibuyile isayolungi­swa ngoba bese kufike isikhathi sokuba iyohlolwa,” kusho uNkk Mchunu-Sibiya.

Uthe umasipala unayo imali futhi akulona iqiniso ukuthi usuwile ngoba ngisho udaba lokungahol­i kwabaseben­zi kube ukuthi bekunenkin­ga encane nebhange labo abaliseben­zisayo lakwaFNB .

Uveze ukuthi njengoba umkhandlu wabo usufakwe ngaphansi komlawuli akusho ukuthi banenkinga yezezimali ngoba umlawuli akakafiki.

Lo mkhandlu okwesibili ubuyela kumlawuli.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa