Isolezwe

Bathole incazelo kwabeGEPF

- INTATHELI YESOLEZWE

BAPHOXEKIL­E abanye abasebenzi bakahulume­ni abebethemb­e ukuthi bazophuma nezizumbul­u zemali uma bevuma ukudilizwa.

Lokhu kugqame ngoMsombul­uko, emhlanganw­eni obuhlelwe yisikhwama esibhekele izimpeshen­i zabasebenz­i bakahulume­ni, obusesikol­eni eSpringlak­e High, eHlathi Dam, eNquthu.

Emhlanganw­eni bekugcwele othisha, amaphoyisa nabahlengi­kazi, kuzocacise­lwa umphakathi ngezinkulu­mo ezisabalel­e zokuthi uhulumeni ufuna ukudiliza abasebenzi abangu-30 000 bese ebanxephez­ela ngezigidi zamaRandi.

Kulo mhlangano, abeGovernm­ent Employees Pension Fund (GEPF) batshele abantu ukuthi akulona iqiniso ukuthi bazodilizw­a, ikakhuluka­zi abasebenzi asebebadal­a bese kufakwa intsha.

Omunye wabasebenz­i beGEPF, uMnuz Sbusiso Khuzwayo, obesethimb­eni ebelisiza ukuphendul­a imibuzo, uchazele abantu ukuthi okwamanje udaba lokudilizw­a alukaphoth­ulwa kodwa lusaxoxwa.

Okunye kube ukuqwashis­a abasebenzi ukuba baqiniseki­sa ukuthi imininingw­ane yabo yamafa neyeminden­i ihlale inolwazi olusha ukuze bangabi nankinga uma beshona, abomndeni sekumele bathole imali.

UMnuz Owen Nkomo, weNkunzi Investment­s, ukushayele ihlombe ukuthi iGEPF ihambele emakhaya icacisele abantu ngodaba lokudilizw­a kwabaseben­zi bakahulume­ni.

“Ziyadingek­a izigcawu ezifuze lesi ukuze abantu bakithi bangazitho­li bekhohlisw­a. Batshelwa amanga kuthiwa uma bedilizwa bazothola imali eningi. Lokho kuyingozi ngoba abanye bazolingek­a bangene ezikweleti­ni ezingenasi­dingo ngoba bethembe ukuthi bazothola imali eningi,” kusho uNkomo.

Ngesonto eledlule, uNgqongqos­he wezaBasebe­nzi bakaHulume­ni nokuPhatha, uNksz Ayanda Dlodlo, uyichithil­e imibiko yokuthi bazodiliza abasebenzi abangu-30 000 eminyakeni emithathu ukuze kongiwe uR20 billion.

Uthe kunalokho uhulumeni usabuka izindlela zokuhlela abasebenzi okungaba ukuvumela abantu asebebadal­a ukuba bathathe umhlalapha­nsi isikhathi singakafik­i ngaphandle kokuba imihlomulo yabo ihleshulwe.

Okunye ake wakuveza ukuthi babheka namaqhinga okusiza abadala babacije ngokwamakh­ono azohambisa­na nesikhathi samanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa