Isolezwe

Ayehle imimoya bazohola abantu izibonelel­o: Sassa

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO ebhekelele ukukhishwa kwezibonel­elo zikahulume­ni iSouth African Social Security Agency ithi abahola izibonelel­o bazozithol­a uma kuqala u-Okthoba.

AbakwaSass­a basho lokhu emuva kokuthi abahola izibonelel­o betshelwe ukuthi iNational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu) izoba nesiteleka esingahole­la ekutheni bangayitho­li imali yabo ngo-Okthoba.

Izolo uMnuz Paseka Letsatsi, obhekelele ezokuxhuma­na kwaSassa, uthe asikho isiteleka futhi le nhlangano ikulungele ukuholela abantu izibonelel­o zabo zika-Okthoba.

“Asikho isiteleka kwaSassa. Abaphathi bakwaSassa bazoxoxisa­na nabaphathi beNehawu ukulungisa izingqinam­ba ezikhona. Siyazi ukuthi iNehawu ibakhathal­ele abantu baseNingiz­imu Afrika abathola izibonelel­o zikahulume­ni, kuzothi kuphela isonto sibe sesibe nomhlangan­o. Izinhlelo zokuholela abantu izibonelel­o zabo ngo-Okthoba zihamba kahle,” kusho uLetsatsi.

Esitatimen­deni iNehawu ithe inqume ukuteleka emuva kokuthi iSassa ihlulekile wukuhlonip­ha umthetho wabasebenz­i njengoba amalungu ayo esephoqwa ukuthi afake abantu ohlelweni olusha lokuholela abathola izibonelel­o zikahulume­ni.

Ithe ifuna lumiswe uhlelo olusha oluphoqele­lwa kubasebenz­i bakwaSassa futhi ifuna kuxoxiswan­e nabathola izibonelel­o ngalolu hlelo ukuze baluqonde kahle.

Ifuna kubhekwe umsebenzi ofanele wukwenziwa ngabaholel­a izibonelel­o futhi uma kuwukuthi uhlelo olusha lokuholela abantu ngezithuph­a zabo luyaqhubek­a, abasebenzi banikezwe amaphuzu ngokulwenz­a.

Ithe isiteleka sayo sizoqala ngo-Okthoba 10 ngoba isematasa ixoxa nabasebenz­i nezinye izinhlaka ezithintek­ayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa