UMthimkhulu unesifiso sokulwa kwelakubo
UNESIFISO sokulwa phambi kwabalandeli baseNingizimu Afrika umshayisibhakela osemncane odabuka eNingizimu Afrika kodwa okhulele e-England emuva kokufuduka nabazali bakhe esemncane.
Umshayisibhakela owaziwa ngoLuther Clay (22) kubalandeli besibhakela baphesheya kwezilwandle, igama lakhe langempela nguLuthando Nqobile Mthimkhulu okhulele e-United Kingdom. Uzalelwe ePinetown kodwa wakhulela eMatatiele, e-Eastern Cape, ngaphambi kokuthi abazali bakhe bafudukele naye phesheya esemncane.
UClay olwa esisindweni se-welterweight, ubekhuluma ohlelweni lwesibhakela iSA Boxing Talk. Ngesonto eledlule ujoyinwe ngumshayisibhakela wase-Eastern Cape, uLudumo “9mm” Lamati ejimini yakhe ngaphansi komqeqeshi uKeith Marner. Bahlelelwa izimpi yiSiesta Promotions.
UClay, obekade evakashele eNingizimu Afrika ezinyangeni ezimbili ezedlule, usahlulwe kanye ezimpini eziwu10 selokhu engene esibhakeleni esikhokhelayo. Uzobhekana noYahya Tlaouziti waseFrance empini ezoba seBritain ngoSepthemba 29.
“Bengifuna ukulwela ekhaya kulo nyaka ngoJulayi kodwa akwenzekanga. Ngikhulumile nemenenja yami, ngayitshela ukuthi ngifuna ukuyolwela ekhaya. Ngingumshayisibhakela waseBritain kodwa futhi ngingowaseNingizimu Afrika. Ngifuna ukuzakhela igama kuwona womabili amazwe. Ngifuna ukulwela ekhaya maphakathi nonyaka ozayo,” kusho uClay.
“Emuva kwale mpi engizoyilwa ngizoqala ngibheke imbangi eNingizimu Afrika. Ngiyethemba ukuthi izoba kwithelevishini ngoba akusizi ukusuka lapha ngiyolwa ezimpini ezincane. Uma kwenzeka ngifuna kube yindumezulu, nembangi esezingeni eliphezulu. Ngiyasilandela isibhakela sasekhaya, hhayi kuphela amabhokisa alwa esisindweni sami. Ngilandela uPatrick Mukala, Xolani Mcotheli, Paul Kamanga. Kade ngiyibuka futhi impi kaLusanda Komanisi.”
Kungenzeka ukuthi uClay ungowokuqala kubashayisibhakela bakuleli abakhulele ngaphandle ofuna ukuzolwela ekhaya. Isifiso sokubuyela ekhaya sivamise kubadlali bebhola abasuke bengaziwa eNingizimu Afrika ngenxa yokufudukela kwamanye amazwe besebancane.
“Isibhakela ngisiqale ngisemncane kakhulu emuva kokushaywa abafana esikoleni. Kube nzima kangangoba abazali bami bagcina bengiphoqile ukuthi ngigxile esikoleni. Ngingene esigabeni esikhokhelayo sengineminyaka ewu-21 ngajima nabashayisibhakela okukhona kubona uGennady Golovkin, bangithanda kakhulu. Konke kusheshile emuva kwalokho,” kusho uClay.
Khonamanjalo, uphinde wabuya bulanzi phesheya kwezilwandle uNkululeko “Bulldog” Mhlongo ehlulwa ngamaphuzu yivukana uBalazs Bacskai waseHungary empini ebikade ingoLwesihlanu.
Empini ebikade ibhekwe wumhlaba wonke, uGennady “GGG” Golovkin uhlulwe nguSaul Alvarez, walahlekelwa ngamabhande akhe amathathu okungeleIBO Middleweight, WBO Super World Middleweight nele-WBC Middleweight e-T Mobile Arena, eLas Vegas.