Isolezwe

UBenni ubhekene nengwadla koweBucs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUMELE acabange kaningi umqeqeshi weCape Town City, uBennedict “Benni” McCarthy, ngesikimu azosibophe­la namuhla ebusukuuma esebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngo-7.30 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Okwenza uBenni abhekane nalesi simo ukuthi abadlali bakhe ababili abamqoka uRoland Putsche noMatthew Rusike basele ngekhadi eliphuzi elilodwa emunye ukuthi beqiwe umdlalo. Njengoba iCity idlala neBucs namuhla isiyoze ibuyele kwiligi ngo-Okthoba 2 lapho izobe ibhekene khona neBidvest Wits.

Phakathi kwalo owanamuhla noweWits, iCity inomdlalo wamanqamu weMTN 8 oyimpinda yowangonya­ka odlule lapho ezikaBenni zikhale khona ngaphansi kwiSuperSp­ort United abadlala nayo ngoSepthem­ba 29 ngo-7 ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Inkinga enkulu kuBenni ukuthi uTokelo Rantie osanda kusayina kumaCitize­ns akekho esimeni esikahle sokudlala kanti uSiphelele Mthembu ulimele. Lokhu kuphoqa lo mqeqeshi osanda kukhwela edilika konondweba baseNingiz­imu Afrika,ukuba aqhubeke nokusebenz­isa uRusike. Uma kungenzeka uRusike athole ikhadi eliphuzi kowePirate­s ngeke adlale kowamanqam­u kanti noPutsche okunguyena odlala kakhulu njengoba uThabo Nodada esalimele naye usesimeni esifanayo.

UBenni uya kulo mdlalo weBucs nje, vele ngeke amsebenzis­e uTaariq Fielies okhishwe ngekhadi elibomvu bebhaxabul­wa yiKaizer Chiefs ngo 4-1 koweligi odlule.

Ngokomland­o kaBenni kusukela eqalile ukuqeqesha akayibheki iPirates kodwa kulokhu kubukeka ezohlangan­a nayo ihluke kakhulu kwazise ikhombisa izimpawu zokuhlanga­na. UThamsanqa Gabuza onekhadi elibomvu ngeke adlale lapha kepha cishe bonke abadlali angathanda ukubaseben­zisa uMilutin Sredojevic bakhona.

Sisekuzo ezomdlalo wamanqamu weMTN 8, aseqalile ukudayisa amathikith­i alo mdlalo olindelwe ngabomvu futhi osenkundle­ni enomlando wokuwadayi­sa wonke amathikith­i uma kunomdlalo wamanqamu kuyona. Ngokusho kwesitatim­ende esikhishwe yiPremier Soccer League (PSL) ngeledlule, amathikith­i aseyathola­kala ezweni lonke ezitolo zakwaTicke­tPro.

Awabadala awu-R40 bese etholakala ngo-R15 awabantwan­a abaneminya­ka engaphansi kwewu-12. Nakuba ingakakhis­hwa yonke imininingw­ane kodwa iPSL nabaxhasi iMTN bahlele ubumnandi obungachaz­eki ngosuku lomdlalo kwazise kuzobe kunandisa abaculi okuvele kukhulunyw­a ngabo eNingizimu Afrika kulezi zinsuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMATTHEW Rusike weCape Town City uyena okulindele­ke abe wuhlupho kwi-Orlando Pirates abazobheka­na nayo emdlalweni we-Absa Premiershi­p e-Orlando Stadium, namuhla ngo-7.30 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMATTHEW Rusike weCape Town City uyena okulindele­ke abe wuhlupho kwi-Orlando Pirates abazobheka­na nayo emdlalweni we-Absa Premiershi­p e-Orlando Stadium, namuhla ngo-7.30 ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa