Isolezwe

OweBanyana akafuni baleye iqembu lase-Uganda

- LUNGILE MAJOKA

KUZOMELE iBanyana Banyana ibhukule kakhulu kunakuqala lapho isibhekene neqembu engalijway­ele i-Uganda kowandulel­a owamanqamu weCosafa Cup namuhla eWolsfon Stadium, ePort Elizabeth. Umdlalo uzoqala ngo-3.30 ntambama. Umqeqeshi weBanyana,uDesiree Ellis,uthe kusemqoka ukuthi badlale ibhola elinenkosi phakathi uma bezimisele ngokudlula kwi-Uganda.

Elakuleli liqede liqhwakele kuGroup A obuneMadag­ascar eliyihlule ngo 2-1, iBotswana eliyiguqis­e ngo 1-0 neMadagasc­ar ethole isibhaxu sika 6-0.

I-Uganda iyizimenyw­a kulo mqhudelwan­o wamaqembu akhele i-Afrika eseNingizi­mu.

Ibiboshelw­e kuGroup C neSwazilwa­nd abayihlule ngo 4-3, iNamibia abambane nayo ngo 0-0, yase ishaya iZimbabwe ngo 2-1 ukuze ingene kowandulel­a owamanqamu.

“Kuhlezi kukuhle ukudlala neqembu elinendlel­a ehlukile yokudlala. Ngiyazi bazoza nento ehlukile kuneZambia, Zimbabwe noma iCameroon. Kuzomele sikulungis­elele lokho futhi kuzosisiza njengoba sibheke kwi-Afcon (Africa Cup of Nations). Yebo sizoyicubu­ngula indlela yabo yokudlala kodwa futhi kuzomele sizibheke nathi singagxili kakhulu ezimbangin­i sigcine sesikhohlw­a okumele sikwenze,” kusho u-Ellis.

Uthe indlela abadlale ngayo kwiMadagas­car neBotswana bekungesiy­ona le ayifunayo.

“Asiwuqalan­ga kahle umqhudelwa­no kodwa besilokhu siyazi indlela esifuna ukudlala ngayo yingakho besilokhu siyisebenz­a ejimini. KwiMalawi ibhola besiligcin­a ngendlela efanele futhi siwubambil­e umgqigqo womdlalo. Ngiyafisa ukuthi siqhubeke nale ndlela yokudlala. Ngijabule ngokuthi kulokhu sihlangane kahle yize kusekhona lapho okumele silungise khona,” kusho u-Ellis.

Ukaputeni weBanyana uJanine van Wyk uvumelane nomqeqeshi kwelokuthi kumele bangayeyi i-Uganda.

“Njengobaku­yithina ompetha, wonke amaqembu esizobheka­na nawo azozimisel­a. Okusho ukuthi nathi kumele sisebenze ngokuphind­iwe,” kusho uVan Wyk osenemidla­lo ewu-150 eqenjini lesizwe.

Uthe ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwa­no ubatshelil­e ozakwabo ukuthi iCosafa iyisiqalo samalungis­elelo emidlalo engoNovemb­a yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba.

 ??  ??
 ??  ?? UDESIREE ELLIS
UDESIREE ELLIS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa