Isolezwe

UHunt uzimisele ukubuyisa uNtshumaye­lo ebholeni

- NDUDUZO DLADLA

BANTU abakukhonz­ile ubabona ngezikhath­i ezinzima’. Lawa ngamazwi ashiwo ngumqeqesh­i weBidvest Wits, uGavin Hunt, othi uzibopheze­le ekusizeni uThandani “Bibo” Ntshumayel­o athole iqembu, abuyele ebholeni.

UNtshumaye­lo ubemisiwe ebholeni kulandela ukutholaka­la enesidakam­izwa i-cocain egazini. Nokho ngeledlule, konke lokho kuphenduke umlando lapho iSouth African Institute for Drug Free Sport (Saids) imkhulula ukuthi usengabuye­la ebholeni, yamlengise­la iminyaka emibili, kwemine ayemiswe yona.

Ngemuva komdlalo weWits neMaritzbu­rg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ophele ngo 0-0, uHunt utshele izintathel­i ukuthi kule minyaka emibili uNtshumaye­lo ethwele kanzima, bebexhuman­a njalo, emeseka ebunzimeni abebhekene nabo ngemuva kokunqanyu­lwa kwenkontil­eka yakhe yi-Orlanod Pirates ngo-2016. “Bengimthin­ta ngocingo kule minyaka emibili, sixoxa naye ngimduduza. Kusezikhat­hini ezinzima lapho ubona khona abantu abakuthand­ayo nabakufise­la into enhle. Kube yiphutha leli alenzile,uyakwazi naye lokho futhi usejezile. Sekuyisikh­athi sokuthi konke lokho akudlulise manje, aqhubeke nempilo,” usho kanje uHunt.

Lo mqeqeshi uphinde wakuqinise­kisa ukuthi uNtshumaye­lo uzoziqeqes­ha nezakhe.

“Yebokunjal­o,uzoziqeqes­ha nathi ngoMsombul­uko. Ngimazi kudala esemncane kwiSuperSp­ort United. Ngiyazi ukuthi unesiphiwo esiyisiman­ga, futhi usemncane,uneminyaka nje ewu-28, ngakho bengingeke ngimbukele esenkingen­i. Sizoziqeqe­sha naye, sizame ukubuyisel­a umzimba wakhe esimeni esihle. Lokho akusho ukuthi uzosayina nathi, kungenzeka athathwe abanye, akunanking­a. Inhloso enkulu ukuthi ngifuna ukumsiza abuyele emsebenzin­i wakhe, aqhubeke nempilo,”kusho uHunt obumbona nasebuswen­i ukuthi indaba kaNtshumay­elo imphethe kabi.

UNtshumaye­lo ukuvezile ukuthi isimo besinzima kakhulu empilweni yakhe kangangoba uke wacabanga nokuzibula­la. Uveze nokuthi wadlelwa izimoto zakhe, ngenxa yokuthi wawungasek­ho umholo owawusunge­na uma kuphela inyanga.

Lo mdlali uthe intokazi ahlekasana nayo,umndeni wakhe nabanye abadlali bebhola, yibona abamenze wama isibindi esimeni abebhekene naso.

 ??  ?? GAVIN HUNT
GAVIN HUNT
 ??  ?? HENRICHO BRUNTJIES
HENRICHO BRUNTJIES
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa