Isolezwe

Uncela kwabadala eqenjini ogila izimanga kwiSharks

- NDUDUZO DLADLA

ISIKHWISHI­KHWISHI seCell C Sharks,u-Aphelele Fassi, sithi sifunda lukhulu kuLwazi Mvovo noSbu Nkosi abadlali abanesipil­iyoni adlala nabo kuleli qembu eliphekwa uRobert Du Preez Snr, elingayazi induku selokhu kuqale isizini kwiCurrie Cup.

UFassi (20), muva nje ungundabam­lonyeni kumbhoxo aphinde abe yisibonelo esihle kubadlali abamnyama abafuna ukudlala lo mdlalo ngoba wenza izimanga uma ephethe ibhola koShaka.

Le nsizwa esencane ebidlalela iDale College Fist XV, ichaza abaningi ngokugijim­a kwayo, ukunqaka ibhola kahle nokushaya ama-try.

Uqale ukuzibonak­alisa ngesikhath­i iSharks idlala umdlalo wesihle neqembu laseFrance, iBordeaux, ngasekuqal­eni kwenyanga edlule. Kulowo mdlalo ushaye ama-try amabili. Lokhu kwenze uDu Preez wangananaz­a wamfaka esikwatini seCurrie Cup lapho egila khona izimanga uma edlaliswe kwi-wing noma kwi-fullback.

“Ngifunda lukhulu kuSbu (Nkosi) noLwazi (Mvovo) ngoba badala eqenjini futhi ngingumunt­u ohloniphay­o. Okwami ukuthi ngiqhubeke ngifunde kwabanye asebebadal­a ngoba ngikuleli zinga engikulona ngenxa yokufunda. Ngisazoqhu­beka futhi ngifunde,” kusho uFassi izolo ngesikhath­i beziqeqesh­a eKings Park Stadium.

NgoMgqibel­o iSharks, izotholana neXerox Golden Lions kwiCurrie Cup emdlalweni ozoba seKings Park Stadium ngo-5.15 ntambama. ISharks iya kulo mdlalo nje ayikaze iyithole induku selokhu kuqale lo mqhudelwan­o. Emidlalwen­i emithathu, ezikaDu Preez eziyinqobe yonke, zilele isithathu ngamaphuzu awu-15.

Kuzoyikhat­haza nokho kancane iSharks ukuthi izobhekana neLions ezofuna ukuvuka ngayo njengoba iphuma esibhaxwin­i sika 65-38 ishaywa yiWestern Province ngeledlule.

“Engikuqaph­ele emdlalweni weProvince neLions wukuthi iProvince isebenzise amathuba ayo yashaya inqwaba yamatry. Kodwa kufanele siqaphele kakhulu kwiLions ngoba inabadlali abanohlonz­e abadlalela amaBhokobh­oko engingabal­a kubona uLionel Mapoe no-Andries Coetzee abadlala kahle kakhulu. Ngicabanga ukuthi kufanele senze njengoba kwenze iProvince, kuthi uma sithola ithuba silisebenz­ise,” kusho uFassi oveze nokuthi esakhula ubedlala ikhilikith­i.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weSharks wasophondw­eni, u-Aphelele Fassi, kulindelek­e ukuthi aqhubeke ashaye into ecokeme uma sebebheken­e neLions emdlalweni weCurrie Cup eKings Park Stadium ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weSharks wasophondw­eni, u-Aphelele Fassi, kulindelek­e ukuthi aqhubeke ashaye into ecokeme uma sebebheken­e neLions emdlalweni weCurrie Cup eKings Park Stadium ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa