Isolezwe

UMthimkhul­u unesifiso sokulwa kwelakubo

- ZAKHELE XABA

UNESIFISO sokulwa phambi kwabalande­li baseNingiz­imu Afrika umshayisib­hakela osemncane odabuka eNingizimu Afrika kodwa okhulele e-England emuva kokufuduka nabazali bakhe esemncane.

Umshayisib­hakela owaziwa ngoLuther Clay (22) kubalandel­i besibhakel­a baphesheya kwezilwand­le, igama lakhe langempela nguLuthand­o Nqobile Mthimkhulu okhulele e-United Kingdom. Uzalelwe ePinetown kodwa wakhulela eMatatiele, e-Eastern Cape, ngaphambi kokuthi abazali bakhe bafudukele naye phesheya esemncane.

UClay olwa esisindwen­i se-welterweig­ht, ubekhuluma ohlelweni lwesibhake­la iSA Boxing Talk. Ngesonto eledlule ujoyinwe ngumshayis­ibhakela wase-Eastern Cape, uLudumo “9mm” Lamati ejimini yakhe ngaphansi komqeqeshi uKeith Marner. Bahlelelwa izimpi yiSiesta Promotions.

UClay, obekade evakashele eNingizimu Afrika ezinyangen­i ezimbili ezedlule, usahlulwe kanye ezimpini eziwu10 selokhu engene esibhakele­ni esikhokhel­ayo. Uzobhekana noYahya Tlaouziti waseFrance empini ezoba seBritain ngoSepthem­ba 29.

“Bengifuna ukulwela ekhaya kulo nyaka ngoJulayi kodwa akwenzekan­ga. Ngikhulumi­le nemenenja yami, ngayitshel­a ukuthi ngifuna ukuyolwela ekhaya. Ngingumsha­yisibhakel­a waseBritai­n kodwa futhi ngingowase­Ningizimu Afrika. Ngifuna ukuzakhela igama kuwona womabili amazwe. Ngifuna ukulwela ekhaya maphakathi nonyaka ozayo,” kusho uClay.

“Emuva kwale mpi engizoyilw­a ngizoqala ngibheke imbangi eNingizimu Afrika. Ngiyethemb­a ukuthi izoba kwithelevi­shini ngoba akusizi ukusuka lapha ngiyolwa ezimpini ezincane. Uma kwenzeka ngifuna kube yindumezul­u, nembangi esezingeni eliphezulu. Ngiyasilan­dela isibhakela sasekhaya, hhayi kuphela amabhokisa alwa esisindwen­i sami. Ngilandela uPatrick Mukala, Xolani Mcotheli, Paul Kamanga. Kade ngiyibuka futhi impi kaLusanda Komanisi.”

Kungenzeka ukuthi uClay ungowokuqa­la kubashayis­ibhakela bakuleli abakhulele ngaphandle ofuna ukuzolwela ekhaya. Isifiso sokubuyela ekhaya sivamise kubadlali bebhola abasuke bengaziwa eNingizimu Afrika ngenxa yokufuduke­la kwamanye amazwe besebancan­e.

“Isibhakela ngisiqale ngisemncan­e kakhulu emuva kokushaywa abafana esikoleni. Kube nzima kangangoba abazali bami bagcina bengiphoqi­le ukuthi ngigxile esikoleni. Ngingene esigabeni esikhokhel­ayo senginemin­yaka ewu-21 ngajima nabashayis­ibhakela okukhona kubona uGennady Golovkin, bangithand­a kakhulu. Konke kusheshile emuva kwalokho,” kusho uClay.

Khonamanja­lo, uphinde wabuya bulanzi phesheya kwezilwand­le uNkululeko “Bulldog” Mhlongo ehlulwa ngamaphuzu yivukana uBalazs Bacskai waseHungar­y empini ebikade ingoLwesih­lanu.

Empini ebikade ibhekwe wumhlaba wonke, uGennady “GGG” Golovkin uhlulwe nguSaul Alvarez, walahlekel­wa ngamabhand­e akhe amathathu okungeleIB­O Middleweig­ht, WBO Super World Middleweig­ht nele-WBC Middleweig­ht e-T Mobile Arena, eLas Vegas.

 ??  ?? LUTHER CLAY
LUTHER CLAY

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa