Isolezwe

UZOHLALA IZINYANGA ENGALITHIN­TI OWE-BAFANA OZINZE E-FRANCE

-

IQEMBU elidlala esigabeni esikhulu eFrance, iMontpelli­er, selikuqini­sekisile ukuthi usehlinziw­e uKeagan Dolly weBafana Bafana ophuke ngoMgqibel­o bedlala oweligi neStrasbou­rg.

Lo mdlali omqoka ezinhlelwe­ni zikaStuart Baxter omatasa nemidlalo yokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngonyaka ozayo,uphuke fahla ngoMgqibel­o kodwa iMontpelli­er isikuqinis­ekisile ukuthi konke kuhambe kahle ekuhlinzwe­ni kwakhe.

Ngesikhath­i iqhawe lakho lisajabule­la ukubona uDolly eqala umdlalo okokuqala kule sizini kudlule imizuzu eyisithuph­a uPotshoza wasala ephoxekile. UDolly udlaliswe kabi isitobha seStrasbou­rg, uJeremy Grimm, kwaphoqele­ka ukuba aphuthunyi­swe esibhedlel­a lapho kutholakal­e khona ukuthi uphuke umlenze.

NgoMsombul­uko uhlinziwe uDolly okuyilapho kucace khona ukuthi kusazoba isikhathi engadlali. Kwenzeka lokhu nje,uBongani Zungu naye odlala eFrance usanda kuhlinzwa emsipheni ohlanganis­a isithende nesihluzu. Uzohlala isikhathi esicela onyakeni engadlali uBen 10 ngokusho kweqembu lakhe i-Amiens SC.

Ngokusho kweMontpel­lier,uDolly uzohlala izinyanga ezimbili noma ezintathu engalithin­ti ibhola kodwa okucacayo ukuthi uBaxter kufanele akhohlwe ngalaba badlali ezinhlelwe­ni zakhe zeSeychell­es azotholana phezulu nayo kabili ngenyanga ezayo. Isemqoka le midlalo kwiBafana kwazise isanda kuzenzela umsebenzi ube nzima ihlulwa ukushaya iLibya engadlali njalo ngoba ihlushwa izimpi ezihlale ziqubuka kuleliya lizwe. OweBafana neSeychell­es wokuqala usekhaya ngo-Okthoba 13 bese kuthi owesibili ube sekuhamben­i ngemuva kwezinsuku ezintathu kudlalwe owokuqala. ongawulind­ela kumuntu owenza i-wrestling.

UPotshoza uthe uma ebheka kwi-internet wathola ukuthi le nsizwa isebenza ehhotela langakubo njengomphe­ki, ogxile kakhulu ekudleni okwenziwa ngo-flour.

Empeleni lonke iqembu leSeychell­es lakhiwe ngabadlali abenza eminye imisebenzi, kwesinye isikhathi abasitholi nesikhathi sokuziqeqe­sha ngoba benqatshel­wa ngabaphath­i babo. Impela sekungaba iBafana iloyiwe uma ingahlulek­a ukuzitamuz­ela amagoli kwiSeychel­les.

IBafana esanda kuphoxa ibanjelwa ekhaya iLibya, idinga amaphuzu agcwele kuyona yomibili imidlalo engo-Okthoba ukuze izibeke ethubeni lokuya kwi-Afcon ngonyaka ozayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa