UBenni ubhekene nengwadla koweBucs
KUMELE acabange kaningi umqeqeshi weCape Town City, uBennedict “Benni” McCarthy, ngesikimu azosibophela namuhla ebusukuuma esebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiership ngo-7.30 e-Orlando Stadium, eSoweto.
Okwenza uBenni abhekane nalesi simo ukuthi abadlali bakhe ababili abamqoka uRoland Putsche noMatthew Rusike basele ngekhadi eliphuzi elilodwa emunye ukuthi beqiwe umdlalo. Njengoba iCity idlala neBucs namuhla isiyoze ibuyele kwiligi ngo-Okthoba 2 lapho izobe ibhekene khona neBidvest Wits.
Phakathi kwalo owanamuhla noweWits, iCity inomdlalo wamanqamu weMTN 8 oyimpinda yowangonyaka odlule lapho ezikaBenni zikhale khona ngaphansi kwiSuperSport United abadlala nayo ngoSepthemba 29 ngo-7 ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Inkinga enkulu kuBenni ukuthi uTokelo Rantie osanda kusayina kumaCitizens akekho esimeni esikahle sokudlala kanti uSiphelele Mthembu ulimele. Lokhu kuphoqa lo mqeqeshi osanda kukhwela edilika konondweba baseNingizimu Afrika,ukuba aqhubeke nokusebenzisa uRusike. Uma kungenzeka uRusike athole ikhadi eliphuzi kowePirates ngeke adlale kowamanqamu kanti noPutsche okunguyena odlala kakhulu njengoba uThabo Nodada esalimele naye usesimeni esifanayo.
UBenni uya kulo mdlalo weBucs nje, vele ngeke amsebenzise uTaariq Fielies okhishwe ngekhadi elibomvu bebhaxabulwa yiKaizer Chiefs ngo 4-1 koweligi odlule.
Ngokomlando kaBenni kusukela eqalile ukuqeqesha akayibheki iPirates kodwa kulokhu kubukeka ezohlangana nayo ihluke kakhulu kwazise ikhombisa izimpawu zokuhlangana. UThamsanqa Gabuza onekhadi elibomvu ngeke adlale lapha kepha cishe bonke abadlali angathanda ukubasebenzisa uMilutin Sredojevic bakhona.
Sisekuzo ezomdlalo wamanqamu weMTN 8, aseqalile ukudayisa amathikithi alo mdlalo olindelwe ngabomvu futhi osenkundleni enomlando wokuwadayisa wonke amathikithi uma kunomdlalo wamanqamu kuyona. Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yiPremier Soccer League (PSL) ngeledlule, amathikithi aseyatholakala ezweni lonke ezitolo zakwaTicketPro.
Awabadala awu-R40 bese etholakala ngo-R15 awabantwana abaneminyaka engaphansi kwewu-12. Nakuba ingakakhishwa yonke imininingwane kodwa iPSL nabaxhasi iMTN bahlele ubumnandi obungachazeki ngosuku lomdlalo kwazise kuzobe kunandisa abaculi okuvele kukhulunywa ngabo eNingizimu Afrika kulezi zinsuku.