OweBanyana akafuni baleye iqembu lase-Uganda
KUZOMELE iBanyana Banyana ibhukule kakhulu kunakuqala lapho isibhekene neqembu engalijwayele i-Uganda kowandulela owamanqamu weCosafa Cup namuhla eWolsfon Stadium, ePort Elizabeth. Umdlalo uzoqala ngo-3.30 ntambama. Umqeqeshi weBanyana,uDesiree Ellis,uthe kusemqoka ukuthi badlale ibhola elinenkosi phakathi uma bezimisele ngokudlula kwi-Uganda.
Elakuleli liqede liqhwakele kuGroupA obuneMadagascar eliyihlule ngo 2-1, iBotswana eliyiguqise ngo 1-0 neMadagascar ethole isibhaxu sika 6-0.
I-Uganda iyizimenywa kulo mqhudelwano wamaqembu akhele i-Afrika eseNingizimu.
Ibiboshelwe kuGroup C neSwazilwand abayihlule ngo 4-3, iNamibia abambane nayo ngo 0-0, yase ishaya iZimbabwe ngo 2-1 ukuze ingene kowandulela owamanqamu.
“Kuhlezi kukuhle ukudlala neqembu elinendlela ehlukile yokudlala. Ngiyazi bazoza nento ehlukile kuneZambia, Zimbabwe noma iCameroon. Kuzomele sikulungiselele lokho futhi kuzosisiza njengoba sibheke kwi-Afcon (Africa Cup of Nations). Yebo sizoyicubungula indlela yabo yokudlala kodwa futhi kuzomele sizibheke nathi singagxili kakhulu ezimbangini sigcine sesikhohlwa okumele sikwenze,” kusho u-Ellis.
Uthe indlela abadlale ngayo kwiMadagascar neBotswana bekungesiyona le ayifunayo.
“Asiwuqalanga kahle umqhudelwano kodwa besilokhu siyazi indlela esifuna ukudlala ngayo yingakho besilokhu siyisebenza ejimini. KwiMalawi ibhola besiligcina ngendlela efanele futhi siwubambile umgqigqo womdlalo. Ngiyafisa ukuthi siqhubeke nale ndlela yokudlala. Ngijabule ngokuthi kulokhu sihlangane kahle yize kusekhona lapho okumele silungise khona,” kusho u-Ellis.
Ukaputeni weBanyana uJanine van Wyk uvumelane nomqeqeshi kwelokuthi kumele bangayeyi i-Uganda.
“Njengobakuyithina ompetha, wonke amaqembu esizobhekana nawo azozimisela. Okusho ukuthi nathi kumele sisebenze ngokuphindiwe,” kusho uVan Wyk osenemidlalo ewu-150 eqenjini lesizwe.
Uthe ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano ubatshelile ozakwabo ukuthi iCosafa iyisiqalo samalungiselelo emidlalo engoNovemba yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.