Uncela kwabadala eqenjini ogila izimanga kwiSharks
ISIKHWISHIKHWISHI seCell C Sharks,u-Aphelele Fassi, sithi sifunda lukhulu kuLwazi Mvovo noSbu Nkosi abadlali abanesipiliyoni adlala nabo kuleli qembu eliphekwa uRobert Du Preez Snr, elingayazi induku selokhu kuqale isizini kwiCurrie Cup.
UFassi (20), muva nje ungundabamlonyeni kumbhoxo aphinde abe yisibonelo esihle kubadlali abamnyama abafuna ukudlala lo mdlalo ngoba wenza izimanga uma ephethe ibhola koShaka.
Le nsizwa esencane ebidlalela iDale College Fist XV, ichaza abaningi ngokugijima kwayo, ukunqaka ibhola kahle nokushaya ama-try.
Uqale ukuzibonakalisa ngesikhathi iSharks idlala umdlalo wesihle neqembu laseFrance, iBordeaux, ngasekuqaleni kwenyanga edlule. Kulowo mdlalo ushaye ama-try amabili. Lokhu kwenze uDu Preez wangananaza wamfaka esikwatini seCurrie Cup lapho egila khona izimanga uma edlaliswe kwi-wing noma kwi-fullback.
“Ngifunda lukhulu kuSbu (Nkosi) noLwazi (Mvovo) ngoba badala eqenjini futhi ngingumuntu ohloniphayo. Okwami ukuthi ngiqhubeke ngifunde kwabanye asebebadala ngoba ngikuleli zinga engikulona ngenxa yokufunda. Ngisazoqhubeka futhi ngifunde,” kusho uFassi izolo ngesikhathi beziqeqesha eKings Park Stadium.
NgoMgqibelo iSharks, izotholana neXerox Golden Lions kwiCurrie Cup emdlalweni ozoba seKings Park Stadium ngo-5.15 ntambama. ISharks iya kulo mdlalo nje ayikaze iyithole induku selokhu kuqale lo mqhudelwano. Emidlalweni emithathu, ezikaDu Preez eziyinqobe yonke, zilele isithathu ngamaphuzu awu-15.
Kuzoyikhathaza nokho kancane iSharks ukuthi izobhekana neLions ezofuna ukuvuka ngayo njengoba iphuma esibhaxwini sika 65-38 ishaywa yiWestern Province ngeledlule.
“Engikuqaphele emdlalweni weProvince neLions wukuthi iProvince isebenzise amathuba ayo yashaya inqwaba yamatry. Kodwa kufanele siqaphele kakhulu kwiLions ngoba inabadlali abanohlonze abadlalela amaBhokobhoko engingabala kubona uLionel Mapoe no-Andries Coetzee abadlala kahle kakhulu. Ngicabanga ukuthi kufanele senze njengoba kwenze iProvince, kuthi uma sithola ithuba silisebenzise,” kusho uFassi oveze nokuthi esakhula ubedlala ikhilikithi.